MBALI KHANYILE
INHLANGANO iSouth African National Blood Services ikhala ngeCovid-19 eholele ekutheni kwehle isibalo sabantu abanikela ngegazi kuleli.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Mohamad Goolam wale nhlangano emcimbini iWellness Day, ebihlelwe wumasipala weTheku ngenhloso yokuqwashisa abantu ngokuzinakekela eMoses Mabhida, eThekwini.
UGoolam uthe igazi eselitholwa yile nhlangano kubantu abanikela ngalo, sekuba yigazi elishesha liphele njengoba belihambisa ezibhedlela.
"Ngokujwayelekile siqoqa igazi elingu-500 units kodwa kulezi zinsuku sithola elingu-100 units kuphela. Lesi sibalo esesisithola siphela ngosuku olulodwa njengoba ngokujwayelekile igazi esiliqoqayo lisilonda izinsuku ezinhlanu. Kuwumqansa kulo nyaka njengoba lesi sikhathi esesikuso samaholidi silidinga igazi eliningi ngenxa yesibalo sezingozi eziningi eziholela ekutheni kudingeke igazi elizolekelela abasuke bophe kakhulu ngesikhathi belimala," kubeka yena.
Uthe umcimbi iWellness Day usemicimbi asebethembele kuyo ukuqoqa igazi njengoba kumqoka ukuthi bayihambele ngoba babhekene nengwadla.
UMnuz Vusi Mazibuko weMoses Mabhida Stadium, uthe inhloso yomcimbi ukukhuthaza abantu ngokuzinakekela njengoba iCovid-19 ishintshe izinhlelo eziningi kubantu.
" Yize kuneCovid-19 sivumelekile ukuthi sizivocavoce futhi siqikelele ukuthi sidla ukudla okunempilo ukuze silwe naleli gciwane. Njengoba abantu abaningi bebenezinkinga zemali kulo nyaka ngenxa yesimo esizithole sikuso, sonke sibone kufanele ukuthi umcimbi ube nabamabhange ngenhloso yokweluleka ngezikweletu ezingenaso isidingo. Okumele kube mqoka kubantu wukuthi asigcini nje kuphela ngokuba yinkundla yezemidlalo njengoba siphinde sikhombise ukuzikhathaza ngesimo sempilo yabo ngemicimbi efana nale," kusho uMazibuko.
Kulo mcimbi obekuphinde kube nemibukiso yemikhiqizo eyahlukene yokunakekela imizimba bekuphinde kuhlowe igazi, amehlo, isifo sashukela nezinye izifo.
IMeya yeTheku uMnuz Kaunda, ithe leli dolobha linezinhlelo zokuthi kushaye u-2030, seliyindawo okuphileka kamnandi kuyo eyaziwa njengedolobha elinakekela impilo yabantu.
Uthe lezi zinhlelo zidinga ukuthi wonke umuntu abambe iqhaza ekutheni ziphumelele.