IMISHANGUZO eyelapha ukhwantalala, ingcindezi yomphefumulo ingaholela ekutheni abayisebenzisayo bangalulangazeli ucansi noma kushintshe indlela abebelulangazelela ngayo.
UMnuz Abdurahmaan Kenny, osophikweni olubhekele izifo ezithinta ingqondo ePharma Dynamics, uthe bajwayele ukunikeza iziguli imishanguzo ngenhloso yokuthi kwelapheke izifo ezithinta ingqondo kodwa kwesinye isikhathi baye bathole ukuthi iziguli ezisebenzisa leyo mishanguzo kunokuthi zelapheke zigcina sezinezimpawu zokuthi zinengcindezi ephindaphindekile, ngenxa yokuthi imishanguzo yenza ukuthi zibe nezinto ezizenza zibe namahloni futhi zihlambalazeke.
Uthe imithi eyelapha ukhwantalala nengcindezi yomphefumulo ama-antidepressents abajwayele ukuyinika iziguli basuke befisa ukuthi angashintshi impilo yazo yocansi, kodwa kuyenzeka bathole ukuthi isiguli sesibonakala sinengcindezi enkulu ngoba le mishanguzo isiholele ekutheni zibe nezinkinga zocansi ezidalwe imishanguzo, i- emergent sexual dysfunction kuye ngokuthi isiguli sisebenzisa yiphi inhlobo yemishanguzo.
Uthe ezinye iziguli ezisebenzisa imishanguzo eyelapha ingcindezi yomphefumulo nokhwantalala ziye zibike ukuthi zizizwa zingasalulangazeleli ucansi, okuye kuholele ekutheni zingabe zisathanda ukuqhubeka nokusebenzisa imishanguzo yazo.
Ezinye uthe zibikile ukuthi azisafinyeleli kuvuthondaba, uthe lokhu kwenziwa ukuthi imishanguzo kuyenzeka iphazamise ukugijima kwegazi ezinzweni okuholela ekutheni amadoda angafiki kuvuthondaba uma bezithokozisa.
Abesifazane nabo baye babike ukuthi abafiki kuvuthondaba kwesinye isikhathi bathi isitho sabo sangasese asinalo uketshenzi olwenele olwenza ukuthi kushelele kahle, abanye bathi uma bekitazwa ngophathina babo abasabuzwa lobo bumnandi.
UKenny ubesho lokhu njengoba u-Okthoba kuyinyanga yokuqwashisa ngezifo ezithinta ingqondo.
Uthe akuzona zonke iziguli eziba nokuba nokuphazamiseka okuthinta impilo yazo yocansi.
"Indlela umzimba ophazamiseka ngayo uma usebenzisa imishanguzo eyelapha izifo ezithinta ingqondo iyehluka esigulini ngasinye kodwa imishanguzo eyaziwa nge-serotonin reuptake inhibitors (SSRIs) ingaholela ekutheni iziguli zibe nokuphazamiseka okuthe xaxa uma ziqhathaniswa nemishanguzo eyaziwa ne-norepinephrine dopamine reuptake inhibitors (NDRIs).
“Ukuphazamiseka kwempilo yocansi kungaqeda amandla njengoba kuthinta kakhulu isimo somuntu sisonke. Izinga lempilo, ubudlelwane bakhe kanye nenhlalakahle. Ukusondelana ngokocansi kuyingxenye ebalulekile othandweni. Uma oyedwa noma bobabili abalingani behlangabezana nenkinga ethinta ucansi lokho kungathikameza ubudlelwane babo, kube nokukhathazeka, indumalo nokucasuka kwabathandanayo. Kungenzeka futhi kuholele ekucindezelekeni kwengqondo, okuhlanganisa ukukhathazeka, ukwehla kokuzethemba. Ukungasebenzi kwemizwa kwenza ukuthi izinkinga ezithinta ucansi zidlange," kusho yena.
Uqhube wathi uma uhlangabezana nenkinga ethinta ucansi ngesikhathi usebenzisa imishanguzo eyelapha ukhwantalala nengcindezi yomphefumulo kubalulekile ukuthi ukhulume nodokotela wakho.
“Udokotela angakusiza ngokuthi ashintshe indlela akwelapha ngayo. Ngezinye izikhathi, angancoma amasu noma imithi eyengeziwe, eyelapha inkinga yocansi esidalwe imishanguzo oyisebenzisayo. Kubalulekile ukukhuluma nomlingani wakho ukuze aqonde okwenzekayo," kusho uKenny.
UMnuz Ahmed El Hofy wenkampani ekhiqiza imithi iJohnson &Johnson, uthe kuningi okuphazamisekayo endleleni umuntu abejwayele ukuphila ngayo uma ehlaselwe ingcindezi nokhwantalala, okungaba ukwehluleka ukwenza umsebenzi wakhe ngendlela kanye nokuba ntekenteke kwamasosha omzimba.