UKWENYUKA komfutho wegazi i-Hypertension ebuye ibizwe ngeBlood Pressure kuyimbangela cishe ngo-50% yazo zonke izifo zenhliziyo nesifo sohlangothi emhlabeni jikelele.
Lokhu kushiwo inhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO) njengoba kusasa (17 Meyi 2023) kuwusuku lokuqwashisa nokufundisa ngalesi sifo emhlabeni wonke iWorld Hypertension Day. Ithe kubalulekile ukuthi umuntu ngamunye asazi isimo sakhe ngalesi sifo uma kutholakale ukuthi unaso azinakekele.
Isikhulu esiphezulu kwaDischem Baby City Clinic uNksz Lizeth Kruger, sithe umfutho wegazi ophezulu ungumabulala buthule njengoba u46% weziguli ezinalesi sifo ungenalo ulwazi lokuthi unaso kuze kube lesi sifo sesingene sagxila.
" Kukhathaza kakhulu ukuthi abesifazane abakhulelwe basengozini enkulu njengoba umfutho wegazi ophezulu uyimbangela cishe ngo-15% yokushona komama eNingizimu Afrika. Lalela isiqubulo salo nyaka bheka umfutho wegazi lakho, uwulawule, uphile isikhathi eside," kusho uNksz UKruger .
IWHO ithe babalelwa ku1.28 billion abantu abadala abaneminyaka engu-30-79 emhlabeni wonke abanomfutho wegazi ophezulu, iningi labo lihlala emazweni antulayo nasathuthuka. Ithe u-46% wabantu abadala abanomfutho wegazi ophezulu abazi ukuthi banalesi simo. U-42% wabantu abanesifo somfutho wegazi ophezulu bayaxilongwa futhi belashwe. Cishe umuntu oyedwa, kwabangu-5 abadala (21%) abanomfutho wegazi ophezulu, uyawulawula.
Le nhlangano ithe iHypertension iyimbangela enkulu yokufa ngaphambi kwesikhathi emhlabeni wonke.
Iqhuba ithe ifuna ukuthi kwehliswe izifo ezingathathelani ngokwehlisa isibalo sabantu abahlaselwa umfutho wegazi ophezulu ngo-33% phakathi kuka-2010 no2030.
Ithe lesi sifo sibizwa ngomabulala buthule ngoba kwabanye abantu asibi nazo izimpawu, yingakho kufanele abantu bahlale behlola izinga lomfutho wegazi ukuze babone ukuthi asikabahlaseli yini.
"I-hypertension kwabesifazane abakhulelwe ingathinta nempilo yengane. Ingaholela ekuzalweni kwengane enesisindo esincane , ukubeletha ngaphambi kwesikhathi kwezinye izikhathi iholela ekushoneni kukamama . Kubalulekile ukuthi owesifazane ozithwele azinakekele uma enalesi sifo," kusho uNksz Kruger.
Uqhube wathi ezinye izinkinga ezenzeka kwabesifazane abakhulelwe zingaholela ekutheni unyuke kakhulu umfutho wegazi. Ezinye zalezi zinkinga zihlanganisa ukukhuluphala ngokweqile, isifo sikashukela abazalwa emindenini enomlando weHypertension .
"Abesifazane abakhulelwe abanalezi zinkinga eziyingozi kufanele bathathe izinyathelo zokuphepha ezengeziwe futhi bafune iseluleko sezokwelashwa ukuze balawule umfutho wegazi labo ngesikhathi sokukhulelwa," kusho uNksz Kruger.
UMnuz Murray Hewlett isikhulu esiphezulu kwi- Affinity Health , uthe ukudla okunempilo, ukuzivocavoca noma ukunyakazisa umzimba njalo, ukunciphisa uphuzo oludakayo, nokuyeka ukubhema konke kungasiza ekwehliseni umfutho wegazi futhi kunciphise ingozi yesifo senhliziyo kukhululeke nemithambo yegazi.