NGABE uphoqelekile ukutshela umqashi ukuthi uhlushwa yisifo esithile sengqondo?
Lona ngumbuzo ohlupha abantu abaningi abanokhwantalala nezinye izifo zengqondo. NgoLwesihlanu iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag), ibinenkundla yokucobelelana ngolwazi kwiFacebook, lapho abantu bebekhululekile bebuza nangezinkinga ababhekana nazo uma benezifo zengqondo emsebenzini.
Izazi zeSadag, ziveze ukuthi yize abantu abaningi benazo izifo zengqondo kodwa bakuthola kunzima ukuziveza obala emsebenzini ngenxa yokusaba ukucwaswa, ngozakwabo abasebenza nabo noma ukubeka itoho labo engcupheni.
UMnuz Peter Strasheim ongumnikazi weDLM Labour, oyisazi ngezifo zengqondo, ukukhubazeka nomthetho othinta ezabasebenzi, uthi kubalulekile ukuthi umsebenzi abheke imithetho ethinta ezempilo emsebenzini, ngaphambi kokudalula isifo esimphethe.
“Uma ukhetha ukuphumela obala ngokuthi unesifo sengqondo akubalulekile ukuthi usisho igama laso kodwa kufanele ucacise ukuthi sikuthikameza kanjani. Abaqashi abanemithetho emihle yezempilo bayazwelana nawe, bese bekunikeza usizo olufanele. Kubalulekile ukutshela umqashi ngoba kwesinye isikhathi uzodinga ukuyobonana nodokotela wezifo zengqondo noma ukuhlaba ikhefu kancane emsebenzini,” kusho uStrasheim.
Uthe uma kwenzeka umsebenzi exoshwa emuva kokuthi ephumele obala ngesifo sengqondo, kufanele abikele umnyango wezabaSebenzi , ummeli neCCMA.
UDkt Nkateko Ndala-Magoro oyiClinical Psychologist, uthe kubalulekile nokuthi umsebenzi angavele nje aphumele obala ngesifo sengqondo kodwa asiveze uma siphazamisa indlela asebenza ngayo.