ABANGABONI KwaZulu-Natal bafuna ukuthi uhulumeni ababhekelele, babe ngabanye babantu abazogoma kuqala njengengoba kuqala isigaba sesibili sokugomela iCovid-19 namhlanje.
NgoLwesihlanu, inhlangano ebhekelela abakhubazekile, iGezephi Foundation, ibe nesigcawu sokubonisana sabangaboni ebesiseThekwini lapho beveze khona izinkinga ezibenza babe sengcupheni yokuthola iCovid-19.
UNksz Slindile Makhaye, weBlind Youth Organisation, uthe bayafisa ukuthi uhulumeni nabo ababeke eqhulwini ngoba basengcupheni yokutheleleka ngaleli gciwane.
"Njengoba singaboni nje, sibambelela endololwaneni yomuntu ukuze sikwazi ukuzwa umzimba wakhe ukuthi wenzenjani. Indololwane njengoba kuneCovid-19 kuthiwa abantu abakhwehlelele kuyo, okwenza ukuthi thina sibe sengcupheni ngoba sibambelela kuyo singazi ukuthi kuke kwakhwehlelelwa kuyo. Njengamanje sibambelela esandleni kodwa lokho akuphephile ngoba awawuzwa umzimba womuntu," kuchaza uNksz Makhaye
Uqhube wathi ngaphandle kwalokho, njengoba bengaboni basebenzisa izandla zabo bathinte ukuze bezwe ukuthi abukho yini ubungozi.
"Sibona ukuthi kwasekuqaleni ngesikhathi uhulumeni ebheka izindlela zokunqanda ukusabalala kwaleli gciwane, akazange amcabangele umuntu ongaboni. Sifisa ukuthi lokho akulungise ngokuthi sibe ngabanye abantu abazogoma kulesi sigaba sesibili," kusho yena.
Usihlalo weGezephi Foundation, uMnuz Siya Zondi, uthe lesi siphakamiso basidlulisele kubaphathi bophiko lwabakhubazekile ehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal naseMnyangweni wezeMpilo kulesi sifundazwe banethemba lokuthi sizofinyelela kuNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Zweli Mkhize.
UMnyango wezeMpilo kuleli uthunyelelwe imibuzo mayelana nokuthi abangaboni ngabe bayingxenye yini yabazogonywa kulesi sigaba. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ungakaphenduli.