YIZE iningi labantu likhule izimbali zikhona emakhaya futhi lingazishayi ndiva, kodwa muva nje sekucacele noma ubani ukuthi ziyaluvuselela uthando. Iningi labesifazane manje liyazifela ngezimbali futhi kushaya kuzwele uma kuwusuku olubalulekile njengeValentine's Day, kodwa zangafika izimbali. Ngisho abangakaze bathengelwe kodwa iningi labo linazo izithombe zezimbali. Basuke bezishuthe kubangani babo abasuke bethengelwe zona noma kube ngezasemicimbini, nasezitolo.
Kuza usuku olukhulu lwezithandani uFebhuwari 14, kuzobe kushiyana ukwenza abesilisa beshayana ngezifuba ezitolo bethenga izipho nezimbali. Ongoti bezimbali bathi noma zonke izimbali zizinhle futhi zithandeka kodwa kumele kube nemibala ethile okugadlwa ngayo. Ungoti wezimbali, uNksz Nonhlanhla Nodi Cele wesitolo sezimbali iFleur De Rosa, uveza ukuthi ngaphandle nje kwemibala yezimbali kodwa kunanezinhlobo ezihamba phambili eNingizimu Afrika, okuyiGypsophila neTulip.
"Lezi eziwuhlobo lweGypsophila zinhle ngokuthi ziyakwazi ukuhlala isikhathi eside, imvamisa zihlala ngisho nezinyanga ezintathu uma zomile. Uhlobo lwamaTulip yilona oludlisa kakhulu kubantu abaningi kodwa ukuthi aluhlali isikhathi njengama-roses nezinye," kusho uNksz Cele.
Izimbali zingabukeka nje zizinhle ziheha ziqhakaze kahle kodwa nemibala yazo isuke isho okuthile ngokusho kuNksz Cele.
"NgeValentine's Day ungathenga izimbali ezingama-roses zibe-pink noma lezi ezibomvu. Umbala obomvu usho ukuxhumana okuhle othandweni nentshisekelo bese lezi ezi-pink zimele uthando nenjabulo othandweni. Ezimhlophe zisho ukwethembeka, uthando olusha nokuxhumana okuhle," kusho uNksz Cele. Ongoti bathi akudingi ukuthi ube nezimbali, ungazithenga bese uzihambisa ziyinyanda kodwa kuningi ongakwenza ngazo ukuqinisekisa ukuthi unyaka nonyaka wenza okwehlukile.
Ongakwenza ngezimbali:
-Ungandlala kahle umbhede bese uchitha izimbali sakuzivuvuzela kuwo. Lokhu ungakwenza sakudweba inhliziyo ngazo noma ubhale igama lesithandwa sakho.
-Uma uhlele ukupha isithandwa sakho imali ungathenga izimbali uyigoqe kuzo.
-Imvamisa izimbali zihambisana kahle nesipho soswidi, iwayini, iwashi, izithelo nokunye okuningi okukhonzwe abesifazane.
-Ungalungisa isidlo sasekuseni esehlukile noma ukhiphe unyawo ngesidlo santambama khona ekhaya. Lokhu ungakwenza ekhishini, ekameleni noma egcekeni.
-Uma uzocela umshado ungazisebenzisa izimbali ukufihla indandatho oyithengile.
-Ungazendlala phansi izimbali bese uphonsa oswidi ngaphezulu ukwenza nendlela ohlele ngayo isipho yehluke.