AKUMANGA kuyafiwa kwabesifazane uma behlangana okokuqala nalabo abasuke bekhombisa ukuba nentshisekelo yokuba sebudlelwaneni bothando nabo.
Phakathi kwezinto abahubhuza ngazo amanga, kubalwa ukuthi banezingane ezingaki, bayaphuza noma cha, bayabhema, bashadile noma abashadile.
Abasho ukuthi yini abayidingayo kumuntu abafisa ukungena nabo ebudlelwaneni.
Abanye kuthiwa baze bafihle nokuthi bane-HIV uma behlangana okokuqala nalabo abasuke beqomisana nabo.
Ucwaningo olwenziwe iPure Dating App ngabantu abangu-3 000 abahlangana kuyo muva nje, luveza ukuthi u-61% wabantu besifazane uqamba amanga nangempilo yabo yezothando yaphambilini.
Lokhu kuhlanganisa ukuthi sebethandane nabantu abangaki nokunye okuthinta uthando asebedlule kulo.
Kuthiwa basuke besaba ukuthi uma bekhuluma iqiniso kungenzeka isesheli singabe sisabuya.
Isolezwe lenze ucwaningo kuFacebook libheka ukuthi ngabe yini abantu abayifihlayo uma behlangana okokuqala nalabo abasuke befuna ukubona ukuthi bangangena yini nabo ebudlelwaneni.
Iningi labaphawulile lithe akusibona kuphela abantu besifazane abahubhuza amanga ngosuku lokuqala, nabesilisa benza okufanayo.
Abanye babo baqamba amanga ngisho sebeqonyiwe bafihle ukuthi bashadile, bayalobola nezinto ezibucayi ezifana nokuthi baneHIV, badla imishanguzo.
USmah Selepe MaVilakzi, uthe: “Mina okwezingane angikufihli neze. Lokhu kokuthi ngake ngajola nobani, ngamyekelani akuhlangene naye, akumdingi nje.”
USbongile Hazel, uthe: “Ngaze ngathinteka yazi. Izimfihlo ekugcineni zivela obala noma kungaba isikhathi eside kodwa ziyavela.”
UJabulani Sbutha Lushaba uthe: “Uma uzothandana nomuntu wesimame ongaseyona intombi, awungeni ekutheni usethandane noma uselale nabesilisa abangaki.
Into ongena kuyona izingane zakhe ongadinga ukwazi ukuthi zingaki.”
Kule- App kuthiwa yize abesifazane behubhuza amanga, abathandana nabobulili obufanayo, abakugqizi qakala ukuthi abantu abafisa ukungena nabo ebudlelwaneni bacabangani ngezimpendulo ababanikeze zona.
UMtimande Bhambolunye uthe: “Amadoda anezimfihlo ayakwazi ukufihla ukuthi ayizinkabi, angikaze ngizwe indoda ithi mina ngingumbulali. Uma ishela ikuheha ngokuhle kodwa.”
UPhiwe Ngidi, uthe: “Ingenaphi eyamasoka adlule kuwe. Abafana abasho ukuthi sebedlule emantombazaneni amangaki, bayazifihla izingane ezinye basuke baziphika.
“Kubo akekho ofika athi useyinsizwa nsi, omakade kwase bebona. U50/50, vele asikho isidingo sokugubha imuva.”
Okunye okuvelayo ukuthi kubantu besilisa abahlanu, oyedwa uma eke wezwa ukuthi owesifazane amshelayo uwumakadebona, akabe esaba magange ngendlela efanayo.
Efakazela lokhu u-Absa Zothwane uthe:“Akekho nje umuntu ongaveza ukuthi unamasoka alishumi asephile nawo, uma kungenzeka kungaphela kwakuzenzisa phela esesho njalo.
“Engiyibona iyingozi kakhulu ukufihla isoka elikhona. Lowo mlando uma nifuna ukwakha awusizi kangako. Eyezingane, imfundo, isoka elikhona iyona ebalulekile. ”Ngiyazazi izimambane zikufihlela uze uzitholele maqede athi nguwe umuntu obhedayo.”