MHLELI: Njengomhlali waseNingizimu Afrika okhathazekile ngezwe lethu elibukeka libheke ehlathini, ngibona uRamaphosa enza okufana nse nokwakwenziwa owayengumengameli wezwe, uJacob Zuma.
UZuma wayebashintsha ongqongqoshe ebusuku sivuke sekukhona asebephumile. Lokho kwakusenza sibone ukuthi uyatshelwa ngabathile ekutheni akakhiphe bani afake bani esikhundleni.
Nango-ke noRamaphosa edlala ngathi, enza okwakukhalisa umama Khawula we-EFF esesePhalamende, njengoba wayethi i-ANC idlala umshubhesho ngabaholi bayo, bakhiphana ngapha bafakane ngale ezikhundleni, wathi bathumana ukuthi benze ubusela.
Lokhu sikubonile ngesikhathi umengameli wethu, uCyril Ramaphosa, eguqula iKhabhinethi lakhe. Kube nongqongqoshe abakhiphe ngale wabafaka ngapha. Isibonelo; ukhiphe uNkk Nosiviwe Nqakula ekubeni wungqongqoshe wezokuVikela kwezwe wafaka uNkk Thandi Modise. Kuthe sisathukile, wabe esebuyisela uNkk Nqakula ekubeni wuSomlomo wePhalamende.
Uma ubheka nje, njengomhlali waseNingizimu Afrika, akusikhona yini ukushintshana okwabonwa wumama Khawula lokhu? Akungadlalwa ngathi senziwe izingane. Senginxusa ukuba abantu bakithi bavote ngemiqondo ephusile, hhayi ngezinhliziyo. Sekuyisikhathi sokuthi sijule manje, singavele sivote nje.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU