MHLELI: Ukuhloniphana kuyathengana. Uma ungihlonipha, nami kulula ukuthi ngikuthobele, ngakho ukuhloniphana kukabili. Uma ungangihloniphi, ungithatha noma yikanjani kulula nakumina ukuba nawe ngikuthathe noma yikanjani. Uma ukhuluma nami noma yikanjani, uyangiphoqa ukuba nami ngingayihluzi into engizoyisho kuwena.
Uma ungihlonipha, kunento oyithintayo kinima engithobisayo bese ngiba nenhlonipho. Uma ungikhombisa inhlonipho nento oyishoyo isuke seyizwakala kahle. Akwenzeki ukuthi ngingaqondi ukuthi uthini ngoba ngididiswa yindelelo yakho.
Angiqondile kufundisa ngenhloniphi, kepha ngithintwe wukuziphatha kukaMnuz Bheki Cele, uNgqongqoshe wamaPhoyisa (osesithombeni). Lo ngqongqoshe uyimpi nje uma ekhuluma nabantu. Lokho kwenza kube lula ukufinyelela ekutheni ukukhuluma kwakhe akunayo inhlonipho. Unesankahlu ongasazi ukuthi sibangwa yini. Ukhuluma ngendlela engatshali inhlonipho kubantu, kungenzeka ukuthi usuke eqonde ukugcizelela akushoyo kepha kithina kufika isankahlu sodwa. Kuthina kufika ulaka esingazi ludalwa yini.
Iqiniso wukuthi uCele uhlulwa wumsebenzi wakhe bese egijimela okaKhomishana wamaPhoyisa, eKhehla Sitole. Akuwona umsebenzi kangqongqoshe ukutshela amaphoyisa ukuthi kufanele abophe uma sekwenzenjani. Lowo ngumsebenzi kaSitole. Kubukeka ugqozi lukaCele luhlala obala uma kukhulunywa ngokuvalwa kotshwala. Lokhu kwenza umuntu azibuze ukuthi ushonaphi lo mfutho uma sekufanele akhulume ngezinto ezibucayi njengokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
UCele akanawo umfutho ngezinye izinkinga ezikhungethe leli lizwe ezidinga ubuholi bakhe njengongqongqoshe wamaphoyisa. Kuyadumaza ukuthi sinenkinga yokushushumbiswa kwabantu kepha ungqongqoshe akasho lutho ngalokho. Kepha uma isihloko kuwutshwala, maye babo!
Uzomuzwa kahle ngoba ukhuluma aze ashintshe ngisho ebusweni. Uma kukhulunywa ngokushushumbiswa kotshwala, uzombona kahle ukuthi akabhenywa, kepha uma kushushumbiswa abantu - kucweba iziziba.
Asikwazi ukuba nongqongqoshe unomfutho wokulwa nento eyodwa. UMengameli Cyril Ramaphosa uthuli uthini ngongqongqoshe onjena?
Sekukhanyela wonke umuntu ukuthi uCele uyamehlula umsebenzi wakhe. Mhlawumbe udidwa wukuthi wake waba ngukhomishana wamaphoyisa manje akasakwazi ukuhlukanisa phakathi kwamandla kangqongqoshe nakakhomishana.
Ngiye ngizwe kuthiwa ongqongqoshe banabeluleki, manje abakaCele bathule bathini engena egamanxa emsebenzini kaSitole?
Umsebenzi kaCele ukubheka ukuthi umnyango wakhe usebenza ngendlela efanele yini. Okwakhe ukuba yihlo labantu ekutheni ngabe amaphoyisa awenza ngendlela efanele yini umsebenzi wawo. Manje yena ubuye umuzwe esezibiza ngephoyisa, ethi: “thina maphoyisa kwasha kwacima...” Ungqongqoshe akalona iphoyisa. Le nto iyihlazo, ngiyacela nezazi zezomthetho ke-ziyikhulume le ndaba yakhe hleze kuzwakale uma sekuphefumula ongoti.
Madoda Wanda
EMBUMBULU