MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni ngithi angiphawule ngento eyenziwa abantu, yokungazifaki izifonyo. Bahamba emphakathini, bagibele izimoto zomphakathi nezabo, bengazifakile izifonyo.
Sikhathele abantu abangafuni ukufaka izifonyo. Uthi uzihambela futhi uhlonipha nemithetho ebekiwe uhlangane nomuntu ongagcini nowodwa umthetho, ongasifakile isifonyo. Omunye uvele athi 'sizofa noma singabulawanga yilesi sifo'.
Kumele abomthetho babophe labantu obathola beme eceleni kwemigwaqo bebambe imihlangano engenamqondo futhi bezixoxela, bengazi nokuthi lidumephi.
Abanye bayathanda nokuvakasha emizini yabantu kodwa kushiwo kahle ukuthi asihlaleni emakhaya.
Bakwethu asilaleleni senze konke okushiwoyo. Uma ungenandaba naleli gciwane musa ukufaka abantu abahlonipha imithetho kathaqa, enkingeni.
Sizogcina sikhiye amasango emakhaya ngoba sitshelwa kahle ukuthi asihlale emakhaya kepha abanye abezwa. Uma ufuna ukufa, yifa wedwa.
Ntabeni umfana wentaba
EHAMMARSDALE