MHLELI: Kuyihlazo okwenziwa ngezinye zezikhulu zeTheku, ezigijimela ukunikeza abantu bokufika izimvume zokuhweba enkabeni yedolobha nakwezinye izindawo ezingaphansi kwalo masipala. Kuthi abantu bakuleli lizwe uma befake izicelo zezimvume zokuhweba edolobheni batshelwe ukuthi izimvume zezicelo zabo azikalungi.
Abasiki bebunda bathi izikhulu zeTheku zithi abantu bokufika abanqeni ukubafumbathisa ukuthola izimvume zokuhweba ekubeni abantu baseMzansi kabazimisele ukubafumbathisa noma ukukhipha enye imali ngaphezulu kwaleyo esemthethweni okuyimali yentela yonyaka. Abakuleli kufanele ngani ukuthi bafumbathise uma befuna ukuhweba edolobheni ekubeni beyizakhamizi zezwe ngokugcwele?
Imeya kuhlangene nezinye izikhulu zeTheku bayazimukela izicelo zabantu bokufika ngenhloso yokuhlangana kudingidwe izimfuno nezikhalo zabo ezimayelane nokuhweba edolobheni kepha abazimisele ukwamukela izicelo zabantu bakuleli uma befuna kubhekelelwe izimfuno nezikhalo zabo njengabahwebi edolobheni.
Lesi senzo sezikhulu sesivule umsele wokulekelela kokuphushelwa ngaphandle kwabantu bakuleli kwezohwebo lwedolobha. EGoli abantu bakuleli sebaphushelwa ngaphandle kohwebo lwedolobha, nedolobha iTheku nalo liyalandela.
Lezi zikhulu eziqhoshe ngemisebenzi eholela kahle, amahhovisi ashaya umoya, nokulethelwa itiye namakhekhe njengamakhosi, ngolunye usuku nazo ziyophushelwa ngaphandle kumahhovisi okuphatha iTheku, leyo misebenzi ithathwe ngabantu bokufika ngoba banikeza izimvume zokuhweba ngaphezu kokunika abantu bezwe. Iqiniso lithi ukuhweba kuletha amandla omnotho, amandla omnotho akunikeza amandla okuguqula izinto nemithetho. Uma abakuleli benqindwa amandla kwezomnotho, ziyolibusa yini izingane zethu kwelizayo?
Thamsanqa Zama
Umlazi