MHLELI: Sengizwe izikhalo ezifanayo ezifundeni ezehlukene okuwuMgungundlovu, eThekwini naseMpangeni ngoMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal. Kunabantu asebebe ngamatoho iminyaka ebalelwa ku-10 kuya kwengu-15.
Akukholakali ukuthi kulo hulumeni obusayo kungaba khona lesi simo. Sihlale sikhuthaza abantu ukuba benze izifundo zobunjiniyela kepha uma sebekhona abasetshenziswa ngendlela engabenza bazizwe njengonjiniyela.
UMnuz Willies Mchunu esengungqongqoshe wathi makubhalwe incwadi, abantu baqashwe ngokugcwele kepha kwangenzeka lokho. Kwafika uMnuz Mxolisi Kaunda njengongqongqoshe naye wathembisa - kodwa kwangaba nashintsho.
Manje sekukhona uMnuz Bheki Ntuli kanti sekuvele kwaba nzima kakhulu njengoba sekusayinwa izinkontileka zezinyanga ezintathu.
Uma ubheka yinto yamabomu le, kukhona abadlayo ngosizi lwalezi zingane. Kodwa elami lithi qaphelani amathenda hulumeni anganiqhathi nabantu abanivotele.
Inkosi impela ngiyafisa ukwazi isizathu esenza abafowethu baphathwe ngalolu hlobo, bayaguga manje, bazele, abanye sebedlulile emhlabeni izingane zisele dengwane akukho lutho olusele ngaphandle nje komlando othi ubaba wayesebenza eMnyangweni wezokuThutha.
Ngithi khuza Khuzeni (Ndunankulu Sihle Zikalala) izwe liyabona.
OkaZaza
EPORT SHEPSTON