NGIYAHLUPHEKA, ngihlushwa ukuhlupheka kwabantu okungapheli. Ngize ngiguqe kwabadala ngibuze impande nendlela abangasizakala ngayo ekuhluphekeni kwabo, nami okuyinhlupheko kimina engizama ukuyelapha.
Mhlawumbe lokhu ngabe akungihluphi kuze kube yisilonda senhlupheko kimina ukube sonke siyazi futhi siyaqonda ngemfihlakalo yemfihlo esiyigomothele ngaphakathi kithina ngamunye ngamunye.
Inkinga uma ngikhuluma ngokuhlupheka kodwa ngibe ngingazi ukuthi yini engihluphayo, nokuthi ingihluphekisa nje iyini inkinga, into yokubhekwa leyo. Bayafika bayangena esigodlweni eMlambomunye, bakhala isikhalo esifanayo sokungalungi kwezinto. Ilowo nalowo aqanganise athi, “Sengihambile bedlala ngami. Sengithi angize ngizocela usizo lokugcina, uma ngingalutholi angisophinde ngithi ngiya komunye.”
Kubona bonke abantu abafika esigodlweni bethi, “Mina” bethi, “Ngi…” Ngiqalaze kube ilapho kuqala khona inkinga; ubani uMina?, UNgi… ile mfihlo yemfihlakalo esicashele neyakade yasicashela.
Kunabantu abangabefundisi, abantu bathwasile abangogobela, esithi siyelapha, silapha ngokwenza okwehlukile sizethule emisakazweni nakwithelevishini, siqhakambise ukuthi “uma unenkinga woza kimina”. Umbuzo uthi kukhona konke lokhu ngilapha ini? Ngingubani ongubani, kubani?
Uma uhlangana nami ngingugobela ungibuze ukuthi ngenzani? Ngokukhulu ukushesha nokukhululeka, ngizokuphendula ngithi ngiyathwasisa, ngiyabethela, ngigeza izidalwa, ngizikhiphe ngizingenise, ngilungise imisamo; ngisho konke okuphansi kwezulu nomhlaba.
Engingakusho nengikushiyayo ngokujule ngaphezu kwami nengingakuqondi; imfihlo yesidalwa esingumuntu engithi ngingasenzela lokhu engikushoyo. Ngingakwenza! Umbuzo uthi ngabe engikwenzayo ngithi ngiyasiza, ngisiza isidalwa esiphambi kwami noma ngisiza lona oyimfihlakalo ocashe kwengithi ngiyamsiza?
Uma ngisiza engithi ngiyamsiza ebe engubani yena? Kuphi khona? Uma ngimgeza ngokusiza izidalwa zakhe, ngizibona zidinga usizo engithi ngibona kufanele zisizwe kulona na? Kulapho kufanele siqale khona ingxoxo yobukhona bemfihlo esiyitatazelelayo, esingayazi nesingafuni ukuyicwaninga siyiqonde kumuntu ngamunye ngamunye.
Le yimfihlo yemfihlakalo yokuqukethwe ngumzimba ophambi kwami onguwena engithi ngifuna ukuwusiza. Ngokungaqondi sibe sesikha ngaphezulu ngoba sijahile, sifuna sidume kuthiwe sisizile kanti akukho lutho esilwenzile, kunalokho sone kunakuqala.
Kungakho namhlanje sinabantu asebethwase kangaka kodwa kunhlanga zimuka nomoya; kungakho namhlanje engekho ongathandazi abhekise kuNkulunkulu ngoba ethi uyisiphephelo sakhe kodwa kungenzeki lutho. Yingakho kukhona abafumbatha iBhayibheli imihla namalanga kodwa bebe bephikisana nokuphakathi ngezenzo zabo.
Kungakho namhlanje kunabahlakaniphileyo abathi “woza kimina usibanibani udlale ngawe mina ngizokusiza, ngingcono kakhulu kunaye”. Kungakho inzondo ingaka kothe wazama ukumbonisa kokunye wamthwasisa ngoba abekulindele yingcebo nempumelelo; angazi nokuthi kungokabani. Izilokotho nezifiso zonke ezikuyena uthi ngezakhe, bese ephuthuma ejaha.
Zintathu izindlela zezingxoxo esizama ngazo ukuthungatha imfihlakalo: Eyokuqala; ingxoxo yezifundiswa eyokubuza ukuthi usuke wamfunda usibanibani? Kufanele ufunde incwadi kabani ngaphambi kokuba ukhulume okushoyo, okuyingxoxo egcina ikhiqiza ulwazi.
Eyesibili ingxoxo; ngeyogebhezi, yenjula buchopho, egcina ikhiqiza ulwazi lokucatshangwa. Eyokugcina; ingxoxo yasezaleni, yamaxhegu nezalukazi asebegamenxe ngemilenze yomibili. Omunyeokulo mhlaba omunye emhlabeni walabo esithi sebahamba, kanti basakhuluma nathi.
Zonke lezi zingxoxo zifuna ukusiza isidalwa esinguwena nami. Zonke izingxoxo ziyaxabana ngoba azihambisani, ngoba abantu abaphila kuzona abacabangi ngokufana futhi babukelana phansi, ngokuba khona abathi bangcono kunabanye. Inhlupheko bese ibhebhezelwa ukungenelela kwabathi “thandaza!” “phuma uyokuzwa!” Oyothandaza nabo noyokuzwa kubona awubazi ukuthi bakuyiphi yalezi zingxoxo. Nansi insambatheka yokuhlupheka kwehlupheko yami kunyaka ka-2022.
Emingcwabeni namhlanje, kunokuthi kukhulunywe ngohambile kukhulunywa ngenkolo yethu thina esingamakholwa akhona emngcwabeni, ukuthi yehluke kangakanani nokuthi sikholwe kangcono kangakanani kunabanye. Besho ngoba behlangene, uma esemunye kumbe eseyedwa avele angaziqondi ukuthi ungubani, nemfihlakalo yokumkhungethe nokumphethe, angayiqondi.
Ukuduka ungadukile emini kungemnyama, unyezi uthe bha kepha uhluleke ukuzithola ukuthi ungubani, usuhlezi uzicabanga wedwa. Kuningi esiphiwe khona nesikuthwele kodwa kuyimfihlakalo eyokuba yimpande enhle noma embi esizukulwaneni, thina sesihambile.
Kunamhlanje ngihlupheka nje, kunabahamba phambili bengazange bakucabanga lokhu engikucabangisa khona namhlanje. Impilo yaphelela ngabo badlula bashiya, besishiya nekusasa eliyinamhlanje, eselisivusa ebusuku kuthiwe asithandaze ngamahora ayiNgcwele, siqede lapho sithi siyozihlambulula emfuleni, kufike kube yithina esiba yisiqalekiso ngokungcolisa umfula nempophona.
Siyizibi zemfihlakalo yayizolo, esiyokube sizikhuculula njengezikhukhula zemvula yayizolo nakuthangi. Kulapho kuzofanele sikhohlwe ubuthina nobuwena, sizibuze ubani lona ongaphakathi oyimfihlakalo yalokhu engithi ngiyikhona, okungigqilaza kungihlupha imihla namalanga, ngigcine sengozonda umakhelwane wami?
Umthetho wokuthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda, wabekwa ngokwazi, akekho oyowugcina engakatholi imfihlo yemfihlakalo yakhe nekamakhelwame, nakufumbethe ngaphakathi emphefumulweni. Sathola lokho, siyogcina ukugijima, siyogcina ukuthandaza singazi sithandazelani, siyogcina ukubhuqa nokubhinqa ngoba sithi sihlakaniphile, ingamhlazane siyokuzithola siyiziwula ezingakanani ngaphansi komthunzi welanga.
Bhedlindaba “VVO” Ka LuPhuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye: School of African Indigenous Science
KZN 087 11 00 555.
GAUTENG: 010 007 5294/5.