KADE sithetha sikhuza umhlola ezweni ngechilo lokuhlukunyezwa kwabesimame nezingane ngabeselilisa. Isizwe sisakhihla esikaNandi ngaleli hlazo nobulwane obumboze izwe lethu nesifundazwe saKwaZulu-Natal. Asikwazi ukuphela amandla ukukhuza singakawuqedi lo mdlavuza osemphefumulweni nasezinhliziyweni zalaba abanonya kwabesimame. Sithi maluju sizwe sikaPhunga noMageba nakuzo zonke izakhamuzi zesifundazwe ngoba le mpi nobubi obubhekiswe kwabesifazane ayinamvuzo, kunalokho ilokhu ikhubaze isizwe, iletha imihambima nezinkubela zemiphefumulo.
Asikho nesisodwa isizathu esizwakalayo sokuthi kungani siphendukela izingane zethu, odadewethu, namakhosikazi ethu. Mihla lena sizixoshela izibusiso, siyaziqalekisa ngokuba nonya kwabesimame nezingane. Silahlekelwe ubuntu sacima nesibani sonembeza.
Uma siqhubeka ngalesi sihluku, masikhohlwe ngephupho lokuthula nokunethezeka ezweni lokhokho. Ezinye izizwe ziyohlala zisibukela phansi, zisihleka, zisigcona futhi kufanele.
Lesi sihlava esiwumbulalazwe futhi ngeke nanini sithi sidalwa wulaka lwendlala nenhlupheko. Ukuhlupheka kuthinta wonke umuntu ikakhulukazi abesimame kepha asibatholi begila imikhuba yokudlwengula nokubulala abesilisa.
Sihlaba umkhosi, sinxusa izinsizwa nobaba abaqotho ukuthi abasukume bayibambe sinyinqobe le mpi. Masiqale emakhaya ngokuba yisibonelo. Sinxusa obaba ukuba baphathe omama ngemfudumalo nothando, bangababeki isandla.
Sinxusa abazali ukuba bakhulise izingane zabafana namantombazane ngokulingana, iphele imfundiso embi yokuvuna izingane zabafana kube kucindezelwa ezamantombazane. Nazo ezabafana azigeze izitsha, zishanele igceke, zipheke, zihlambe izingubo.
Ayiphele nya imfundiso yokuthi kuwukumosha isikhathi nemali ukufundisa ingane yentombazane ngoba nakhu iyohamba iphelele kwelinye ikhaya ngokugana. Singabazali asikhulise izingane zamantombazane ukuthi zikwazi ukuzimela, zinganciki kwabesilisa lapho sezikhulile noma sezishadile.
Mihla lena, kuyahlukanwa emishadweni, ngakho siyanxusa ukuba kuphele emindenini nasemphakathini indaba yokuhlekwa nokuklolodelwa kwabantu besimame abanquma ukufulathela umshado ngezizathu ezahlukene.
Ziguqukile izikhathi, asingalokhu sithi “libanjwa lishisa” emendweni, sibe sazi ukuthi kwabanye kusho ukuthi abaphume ngebhokisi bewubona umendo uyisihogo. Masifundise izingane zethu zisencane ukuzithanda zingalindeli ukuqinisekiswa omunye umuntu ngobuhle nokuthandwa kwazo. Lapho zikhala masizilalele, lapho zifuna ukubuyela emakhaya, masizimukele ngothando nangezandla ezifudumele sizisize ukubopha amanxeba.
Siyazi kepha ukuthi iningi labesilisa ezweni akubona abantu abanonya nabahlukumeza abesifazane nezingane. Lokhu kusinika ithemba lokuthi ngokubambisana, sizowunqoba lo mhlola sibuyise unembeza nobuntu ezweni.
Masikhumbule ukuthi ezinye izingane zikhula zingabazi oyise, zikhuliswa omama. Njengoba inkinga yokuhlukumeza omama kungeyethu bantu besilisa, kusho ukuthi ukuze iphele kumele siguqule ukuziphatha kwethu silahle nezimfundoze. Asibe negalelo ekubonisaneni ukuthi singamadoda, senzenjani uma ulaka nentukuthelo kusifikela.
Ayiphele indaba yokuthi indoda ayikhali, igwinya itshe noma ifela ngaphakathi. Ukuba yindoda akusho ukuthi awunamizwa. Sinxusa abantu besilisa ukuthi mabahlale phansi, bakhuzane, basekelane, bakhuthazane ngokuphatha kahle abantu besifazane namantombazane. Babebusa omama bephatha nezizwe kusadliwa ngoludala, hhayi la manyala esiwabonayo manje anyantisa igazi okubulala ngesihluku abesimame nezingane ezincane. ILembe alilele ngokuthula KwaDukuza nakhu kubhuqwabhuqwa omama nezingane ezimsulwa emini bebade.
Siwuhulumeni, amabandla nobuholi bendabuko, sizoqhubeka nezinhlelo zokubuyisa unembeza nobuntu ezweni ngoba siyazi ukuthi akukho sizwe saba nentuthuko nezibusiso lapho mihla lena kuhlukunyezwa abesimame.
Sizoqhubeka njalo nangezinhlelo zikahulumeni zokuqeda usizi nobubha obubhekene nabesimame. Asimile, siya phambili sivula amathuba emisebenzi nawamabhizinisi ukukhuphula izinga lempilo yabesifazane. Siguqula nemithetho ukuqinisa isijeziso zezigilamkhuba ezihlukumeza abesifazane. Kepha masikhumbule ukuthi okuningi kwalokhu kungcola kwenzeka emakhaya, iminyango ivaliwe, amaphoyisa nomakhelwane bengekho. Ukunqanda lesi sihlava, azibuywe emasisweni, kubuye unembeza nobuntu.
Ukuze abesimame bangesabi ukubophisa izigilamkhuba, asibesekele singabahleki noma sibahlebe. Asingabenzi bacabange ukuthi bayimbangela yokuhlunyezwa noma ukudlwengula. Ukudlwengula abesifazane akwehlukene nokubabulala. Kubephuca isithunzi. Sithi shwele, ayiphele le mpi, kade sakha izinkubela zemiphefumulo. Kusezandleni zethu bantu besilisa. Ayihlome ihlasele ngempi yokwakha isizwe esisha esinobuntu, unembeza nokuthula.
*UMnuz Sihle Zikalala nguNdunankulu
waKwaZulu-Natal