MHLELI: Ngifisa ukudlulisa injabulo yami mayelana nesinqumo esithathwe yiNkantolo eNkulu yaseGoli ebiholwa yiPhini lejaji uPhineas Mojapelo, ukuthi alingabe lisasetshenziswa emphakathini ifulegi elidala laseNingizimu Afrika.
Ngibonga iNelson Mandela Foundation ngokusukumela lolu daba futhi ikwazi ukuthi ilwe ne-Afriforum mayelana nalolu daba ngoba ngale kwalokho lo mkhuba bewuzoqhubeka wenzeke.
Ngokwami, ukusebenzisa ifulegi lakudala kulesi sikhathi kutshengisa umyalezo wokukholelwa kulona, ukucwasa nobukhulu kwabantu abamhlophe phezu kwabamnyama. Njengoba ijaji libekile esinqumeni senkantolo ukuthi ifulegi lingasetshenziswa ezikoleni ngenhloso yokufundisa ngomlando wakuleli kodwa ngale kwalokho akuvumelekile.
Sihle lesi sinqumo ngoba ifulegi elidala lavinjelwa mhla sithola inkululeko, kwethulwa elisha ngalokho kwakusho ukuthi siyadlula kokudala okwakungukuhlukunyezwa, ukucindezeleka nokunye.
Ngithemba ukuthi abantu bazosihlonipha isinqumo futhi bayeke ukusebenzisa ifulegi elidala.
Kumele bahloniphe umthetho wakuleli namaqhawe omzabalazo.
Sphelele Mthethwa
KwaNongoma