MHLELI: Kunentokazi ememezela ngezitimela emsakazweni Ukhozi FM, ebizwa ngoNksz Nomzamo Mkwaleni. Le ntokazi izwakala sengathi iza emoyeni ingahlelekile. Kungimangazile ukuzwa ibiza uMnuz Dumsani Ndimande, ngozakwabo onguMnuz Tusokwakhe Mhlaba. Yize enganakanga ngesikhathi ethi "Sibonge Tuuh, sangena isitimela ". Uma engena, wenza kanjena.
Umfoka Nkalane ukhombise ukunengeka njengawo wonke umsakazi, uma umuntu embiza ngomunye umsakazi. Ukunengeka komsakazi kungadalwa ukuthi mhlawumbe usuke engalalele nhlobo uNomzamo, ngaphambi kokungena emoyeni. Kungicacele ukuthi uNomzamo akalulaleli uhlelo uma engena kodwa usuke elindele ucingo oluzomenza amemezele ezezitimela. Qha!
Kwasilimaza ukuhamba kuka baba uMnuz Langalakhe Zwane, owayengena azwakale ukuthi uhlelekile ngaphambi kokuya emoyeni. Kwasilimaza ukuthatha kwakhe impesheni ekubeni engakamakhi umuntu ozophusha umsebenzi, obukeka ubucayi. Ngithi ubucayi ngoba uma abantu bengazitholi izindaba ngezitimela abanye bayazishisa kanti abanye balahlekelwa yimisebenzi (ngoba bafika sekudlule isikhathi emsebenzini).
Yize abakwaPrasa bengakunaki ukuthi izitimela zigitshelwa nje, yingoba iningi lethu lenza imisebenzi engenamali nengaholeli nhlobo. Okungenze ngathuka sengibhala ukuba ngiqwashise umethuli wezinda zezitimela uNomzamo ukuthi kumele ethule uhlelo ehlelekile. Ngiyazi omunye uzongangizwa nhlobo kodwa umsakazo ufana newele uma kugula elinye kuyaye kugule nelinye. Ngicela udadewethu angene emoyeni esehlelekile bandla.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU