Mhleli: Ngisuswa ukuba ngithathe uthi ngibhale lokhu engizokubhala, yisihloko esibhalwe ngami kwiSolezwe ngeSonto lomhla ka-19 Julayi, 2020 esithi: “Kushayisana imibono ngokubuya kukaButhelezi ePhalamende”.
Ngifisa isizwe sonke sazi ukuthi le nto eyenziwa zintatheli zaleli phepha, ukunqakulisana njalo ngegama lami, ngezinto ezingekho, abazincela ezithupheni, benezicilikishana zabo eziku-IFP, isingidinile.
Eminyakeni embalwa eyedlule kwalotshwa ngami, kuthiwa umndeni wami ukhala ngokuthi kangihoxe ePhalamende ngiyobheka umkami ongaphilile.
Into eyayingamanga aluhlaza engingazi ukuthi kwakubahluphe ngani ukubakhona kwami ePhalamende nangaleso sikhathi. Lena-ke ebhalwe manje inika umqondo oliphutha koyifundayo sengathi kukhona inkinga ekhona ngokubakhona kwami ePhalamende njengamanje.
Nokuba kube sengathi umengameli wethu uMhlonishwa, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uvinjelwe yimi ePhalamende. Lokhu okungelona neze iqiniso.
Makukhumbuleke ukuthi ngokhetho lukaMeyi 2019, iqembu langicindezela ukuthi lifuna ukuba ngilihole okhethweni lukazwelonke nolwezifunda.
Nempela iqembu latuswa ngokucosha imiphumela emihle ngalolo khetho. UMhlonishwa umengameli weqembu wazicelela yena ukuba ahole ukhetho esiFundazweni saKwaZulu-Natal. Wachaza ukuthi ubona amavoti amaningi iqembu liwacosha kulesi sifundazwe.
Isigungu esiphezulu seqembu sakuvuma lokho okwacelwa ngumengameli we-IFP.
Kuyaziwa ukuthi ngoJuly 2019, uMengameli wezwe, uMhlonishwa * (Cyril) Ramaphosa wabonana neSilo eRichards Bay. ISilo sasinami kulowo mhlangano nosihlalo we-Ngonyama Trust Board, uMhlonishwa uJaji Jerome Ngwenya noMnuz Nhlanhla Mtaka lapha uMengameli athi ufuna ukuqinisekisa iSilo ukuthi njengoba iqembu elibusayo * -ANC esenqume ukuphasisa umthetho wokuhlwitha izwe noma kubani ngaphandle kwesinxephezelo, lokho akuhlangene nezwe elingaphansi kweSilo ngomthetho weNgonyama Trust Act owashaywa yimi nomkhandlu oshayumthetho kaHulumeni waKwaZulu ngo-April 1994.
Emva kwalokho owachitshiyelwa yiPhalamende eKapa ngo-1997.
Emva kwalokho kwaqhamuka umbiko wekomiti eyayenganyelwe nguMhlonishwa uMnuz Kgalema Motlanthe, owayeke waba ngumengemali wezwe, ithi lo mthetho awuchitshiyelwe noma wesulwe-nje emiqulwini yemithetho yaleli lizwe.
Kuthe-ke emuva kokuba uMhlonishwa uMengameli uRamaphosa esethembise iSilo phambi kwami neJaji elingusihlalo we-Ngonyama Trust Board ukuthi egameni likaHulumeni uthembisa ukuba bangaze balithinta izwe elingaphansi kweSilo, kwase kuvela umbiko wenye iPanel kaMengameli (The President’s Panel) yabe isithi nayo lo mthetho weNgonyama Trust Act awuchitshelwe noma wesulwe-nje uphele.
Kuthe ePhalamende uMengameli wabe esethi usazothumela ongqongqoshe bakhe abahlanu ukuba bazoxoxa neSilo ngodaba lweNgonyama Trust Act ngezwe elingaphansi kwayo.
Ngamlobela uMhlonishwa uRamaphosa ngegunya lokuba nguNdunankulu weSilo, ngathi kuMhlonishwa uRamaphosa ngomthetho wenhlonipho (protocol) ngeke kwehle kahle ukuthi nxa udaba lweNgonyama Trust Act, esekhulume ngalo yena njengoMengameli wezwe neSilo kulelo zinga eliphezulu bese ebuya ethumela izinduna zakhe (ongqongqoshe) ukuba bayoxoxa futhi neSilo ngodaba abase beqedile ngalo neSilo.
UMhlonishwa uMengameli wangiphendula wathi kukhona amaphuzu amanye akulo mbiko wePanel yakhe ongqongqoshe abazowaxoxa neSilo.
Mangisho ukuthi nasemva kokuba uMhlonishwa uRamaphosa enzile isithembiso sokuthi abakuyithinta indawo engaphansi kweSilo, uma sebephasise umthetho ozobanika igunya lokuhlwitha izindawo ngaphandle kwesinxephezelo, abanye abaholi bakaKhongolose bamhhahhamela uMengameli uRamaphosa.
Ngisho nenye ingxenye yamaphephandaba yaze yakhipha isithombe sikaMengameli lapho ayekhombisa khona iSilo ibhuku ayesipha lona eguqile, bakwenza ikhathuni (cartoon) yokubhuqa nokululaza uMengameli uRamaphosa.
Asikho-ke isizathu sokuba Isolezwe nezintatheli zalo nezicilikishana zalo eziku-IFP yokuba benze sengathi mina nginesifiso ukuhlala isikhathi eside ePhalamende eminyakeni esengiyihlanganisile.
Sengibanjwe-nje yikuba lo mthetho wokuhlwitha izwe ozophaswa ngu-ANC ne-EFF ePhalamende uphaswe ngisekhona nami njengomuntu owaphasa lo mthetho ovikela izicucwana lezi ezingaphansi kweSilo ezizulelwa ngamanqe ngenxa yokuhhomuzela kwabanye abaholi baka-ANC abahambisana nokuba iSilo sizephucwe zona kuphela.
Angikaze ngizwe noyedwa umholi ka-ANC, enginabo ePhalamende, ethi ngiyabheda nxa sixoxa ePhalamende njengamanje. Ngakho ukuba Isolezwe libhale lincikise nokhuvethe iCorona, angazi ukuthi ngubani ophephile kuyo emhlabeni wonke noma ngabe uneminyaka emingaki.
Ngicela izintatheli zaleli phepha ke zingiyeke. Akukho engikunkonkoshele ngakho ukuba sePhalamende.
Yingqungquthela emveni komholi wethu uMhlonishwa uHlabisa, eyenza isiphakamiso sokuthi nxa amandla esangivumela ngelekelele ukuba iqembu lingene kahle ebuholini obusha.
Ngazi ukuthi unembeza wami uthi ngilisebenzele leli lizwe hhayi i-IFP kuphela. Kangizinyezi ngalutho noma ngibheka emuva.
UNkulunkulu ngibheke ukwamukela ukuba angangibiza noma nini njenganoma ngubani.
Ngethembisa ukuthi nxa impilo isangivumela ngiyokwelekelela iqembu nobuholi obusha. Yilokho kuphela engikwenzayo futhi akusekuba kude ngiqhubeke ngikwenza.
Ngakho lo bumbulu bokungifisela ukuyophumula ngicela ngingafundekelwa ngabantu abavele bengakaze nanini babe ngabeseki bakho konke engikwenzele isizwe nezwe.
Ake bangixolele-nje kulezi zinsukwana ezisasele ngingakedluli emhlabeni.
Sengikuchazile okusangibambe ePhalamende, ngizophuma noma nini.
MANGOSUTHU BUTHELEZI MP
UMHOLI WE-IFP EPHALAMENDE
UMSUNGULI WE-IFP NOMENGAMELI NGOKUHLONISHWA
NONDUNANKULU WESILO NOZULU