UBHUBHANE lwesifo iCovid-19, lusikhombisa ngokusobala ukuthi ukungalingani kuyinselelo enkulu kakhulu ebhekene nezwe lakithi. Sikhuluma nje, elakuleli laziwa kabi wumhlaba wonke njengezwe lapho kunegebe elikhulu phakathi kwabakhomba ngophakathi nabadla imbuya ngothi. Osekusibangele inkinga, wukuthi imizamo eminingi uhulumeni azama ngayo ukuvala leli gebe, isiphazanyiswe kakhulu yilo mkhuhlane kwazise baningi asebelahlakelwe yimisebenzi. Lokhu sekuholele ekutheni sande isibalo sabantu ababhuqabhuqwa wububha. Kungihlaba umxhwele ukubona ukuthi izibalo zokuthuthukisa izinga lempilo yabantu, zikhomba ukuthi izwe lakithi lenza kahle kakulu kusukela ku- 1994. Ngokombiko wokuthuthukiswa kwabantu we-United Nations Development Programme ka-2019, kumanje nje elakuleli lilele unombolo 113 emazweni angu-193 emhlabeni wonke.
Ukube uhulumeni wethu awukusukumelanga kuhlinzeka abantu ababenganakiwe nguhulumeni wobandlululo ngezidingonqqangi, bekuzoba wumqansa omkhulu kwakuqala izinhlelo zokulwa nalolu bhubhane.
Sobe siyazikhohlisa uma singakugqizi qakala ukuthi esinye sezizathu zokuthi bathole impilo inzima, njengoba kunalo mkhuhlane, yikho belu ukungalingani. Yingakho ngithe angibonge uhulumeni kazwelonke ngokumemezela uchatha kubo bonke abantu bakithi abahola imali yesibonelelo. Angisayikhulumi eyemali ebekelwe ukulekelela ngesikhathi esinzima labo abangasebenzi. Sinethemba lokuthi izoba negalelo elikhulu emzabalazweni wethu wokulwa nobubhane.
Lokhu kufakazela ngokusobala ukuthi uma sithi uhulumeni wethu ungonakekelayo, sisuke singasengi ezimithiyo.
SinguMasipala weTheku, sikubone kufanele ukuthi sibeke eceleni imali enguR66 million ukulekelela labo abadla imbuya ngothi.
Ngike ngavakashela zonke izinqolobane zethu zokudla, ngajabula kakhulu ngokudla okusezingeni eliphezulu esikunika abantu bakithi. Senze isiqiniseko, sisebenza namakhansela ethu, ukuthi abazohlomula kulolu hlelo, ngabantu ngempela abakufanele lokhu kanti futhi senze umsebenzi omkhulu wokuthi izinkampani esiziqashayo ukusithengela ukudla, zinikwa lo msebenzi emva kokuthi sizinelise ukuthi zizowenza umsebenzi ngokugculisayo, ngoba sifuna ukugwema ukuthi kungabi nezinkampani ezizogxila ekutheni zenze inzuzo enkulu abantu bakithi bebe bengagculisekile.
Senze futhi isiqiniseko sokuthi uhlelo lomnotho lweRET alusaleli emuva ukuze sikwazi ukuvala igebe kwabacebile nabampofu
EThekwini bonke labo abazobe besilekelela ekwabeni ukudla, badonswe ngendlebe ukuthi akungakhishwa ukudla ngokuchema kodwa akube nobulungiswa. Sinama-ward angu-110 kuwo yimizi engu-1 000 ezohlomula ngalesi sikhathi sikathaqa. Lukhona uhlu olwakhiwe nokuzothi ngaso sonke isikhathi uma bemukela ukudla abantu basayine eduze kwemininingwane yabo. Nathi futhi sizoqinisekisa ukuthi siyabashayela ucingo ukuthola ukuthi bathola ukudla okubafanele yini.
Izigameko esizibonile kwezinye izingxenye zezwe lapho kube khona abasebuholini abagxekwa ngokweba ukudla okufanele kuye kwabaswele ziyethusa. Ngithi lezo zenzo kufanele zigxekwe kuthi abenza lokho babhekane nengalo yomthetho. Siwumphakathi, lapho sibona khona izenzo zenkohlakalo, asingathuli kodwa sibike kwabasemandleni ukuze sibhekane ngqo namasela.
Siyacela futhi nemiphakathi yethu esingakafinyeleli kuyo nalolu hlelo, ukuthi isibekezelele ngoba lesi yisimo esingajwayelekile esisehle ngaphezulu. Senza konke okusemandleni ukufinyelela kubo bonke abaswele. Ngakho asiyeke imibhikisho enodlame necekela phansi impahla lapho abantu bekhala ngokuthi asikafiki kubo ngohlelo lokudla. Asikudingi lokho, sidinga ukubambana ngezandla sibhekane nale nselelo ngoba udlame luyosibangela izinkinga eziningi nezingenza ukuthi luqhubeke ubhubhane.
Njengoba umasipala wethu usuthathwa njengesizinda salokhu kufa, nginicela nonke ukuthi nihlale emakhaya bese nihlonipha yonke imithetho kathaqa. Asikuqonde ukuthi inhloso ngalokhu wukuphephisa thina nanokulisiphula nezimapande zalo igciwane.
Angithathe leli thuba ngibonge zonke izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni ngokusabela ikhwela lethu lokuthi zelule isandla ngalesi sikhathi esinzima kangaka. Uma siqhubeka nokusebenza ngokubambisana, nginethemba lokuthi leli gciwane liyogcina liwumlando kuleli.
UMxolisi Kaunda oyiMeya yeTheku