MHLELI: Ngithi ake ngisike elijikayo ngofuduko lwabaholi abansundu eqenjini i-DA. Kucacele noma ngubani ukuthi kunzima ukuphila ngaphansi kwe-DA uma ungumholi omnyama, futhi leli qembu kalisoze lalwamukela uguquko.
Uma kuhamba abaholi abamnyama abanohlonze eqenjini, lokho kukhombisa ukuthi leli qembu kalibadingi abantu abamnyama, basetshenziselwa ukuletha abavoti nevoti kuphela. Nabalandeli balo abamnyama kumele ngabe bayabona ukuthi kalimele izimfuno zabo kodwa lisamele uhlanga lwabelungu, futhi lilwela ukubuyisela abelungu emandleni kuphela.
Baningi abaholi asebahamba kwi-DA ababenamandla futhi uma bekhuluma kunyakaze umhlaba. Kodwa namuhla sebesehlathini. Noma besungula amaqembu abo kabalandelwa kangakho ngenxa yokuthi abantu abasabethembi ngoba beseka i-DA. Bebesho izinto eziphambene nabantu bakubo abamnyama.
I-DA ibulala ikusasa labaholi abamnyama, iyabanxanxatha njengoshingamu, bese iyabaphimisa. Bonke laba baholi bakhuluma into eyodwa, bathi bekungasemnandi, kungasekho ukumelana nobandlululo obelwenzeka. Bona bebebhekeke ukuthi balweseke kodwa bengabamnyama.
Ayikho into eyoshintsha leli qembu ngaphandle kokuthi abantu abamnyama balijezise ngokuthi balincishe ivoti. Kusizani ukweseka iqembu elingamkhathalele umuntu omnyama ube umnyama? Ukulinika ivoti kufana nokuthi wulinika amandla okukucindezela wena uqobo.
Lokhu kufakazelwa nayizinto ezishiwo ngabaholi abanohlonzo abalaxaza i-DA, ukuthi lisakhelwe esisekelweni sobandlululo. Abaholi abamhlophe kabalufuni ushintsho, bafuza abaholi abamnhama izinto abangahambisani nazo bebaphoqe ukuthi bazeseke. Lokho kufana nokuthi lowo mholi udayisa ngabantu abampisholo, naye ungumgcindazeli. Ngeke ishintshe i-DA kodwa izigwaza ngowayo ngokuhlukumeza abaholi abampisholo.
Mgavithi Mkhize
E-NELANDS WEST