SEKUNESIKHATHI ngibona izikhalo kubantu ezinkundleni zokuxhumana ngohlelo uMnakwethu. Lolu hlelo lugxile ekukhombiseni abantu besilisa abashadelwe abasuke befisa ukucela kumakhosikazi abo ukuthatha enye inkosikazi. Lwethulwa uMusa Mseleku, wodumo lohlelo uThando neSithembu, osuke ekhona uma sekufakwa lesi sicelo.
Engikuqaphelile ukuthi iningi labantu likhala ngokudeleleka nokuhlazeka kwabantu besifazane kulolu hlelo muva nje okuvele ukuthi lunababukeli abawu-597 290.
Engxoxweni neSolezwe emasontweni ambalwa edlule uMseleku uke wachaza ukuthi abesifazane abasamthandisisi ngenxa yalolu hlelo.
“Kukhona abangitshela emehlweni ukuthi ngeke banqene nokungisasazela ngezinja uma bengangibona ngifika namadoda abo. Kepha ngoba abantu abafani, abanye baya ngokufundiseka ngokubaluleka kokuphumela obala kwamadoda,” kuchaza uMseleku.
La engiya khona isekutheni mhlawumbe naye uMseleku, nabakhiqizi bohlelo kumele bayibuyekeze indlela ebekwa ngayo indaba yokucela ukuthatha inkosikazi yesibili. Siyazi inhloso yohlelo ukuba nomkhiqizo ozoba sematheni, ukuze ube sematheni kumele kube nokushuba okukhona; kulokhu ukushuba ukwaziswa kwenkosikazi yindoda ukuthi usekhona vele afisa ukumthatha njengenkosikazi yesibili, kuqoshwa.
Kunganjani uma abesilisa abashadelwe abafisa ukuthatha isithembu bengaqale balubhunge baluqede lolu daba nenkosikazi, ivume (ngoba vele iningi ligcina livumile) bese kuba ima kumenywa uMnakwethu ukuthi uzoqopha ukwethulwa kwenkosikazi entsha kuNdlunkulu. Lokhu vele kuzothambisa ukushuba kwezinto ohlelweni, kodwa kuvikela isithunzi somuntu wesifazane engicabanga ukuthi siyathunazeka kakhulu kulolu hlelo.
Kubuhlungu ukubona abantu bekhaliswa yizindaba okungamele bazaziswe ohlelweni olubukelwa abantu bonke kuMzansi Magic. Ngokwami amadoda asethembele kulolu hlelo akhombisa ukuba ngamagwala ngokuhluleka ukukhuluma namakhosikazi ngalento engekho uMseleku. Ngiyacabanga ukuthi naye uMseleku ngabe akanawo amakhosikazi amangaka ukube wayecela kuNdlunkulu kubuka umhlaba wonke. Ngaphezu kwalokho, kuwubunuku nje ukuvela kwithelevishini uphumela obala ngokuthi sekuneminyaka ushendeza ekubeni kusazovela inkosikazi yakho okumele ngabe uyayivikela emphakathini kunalokho uyayihlaza kuthelevishini.
*UMcebo Mpungose yiLive Editor yeSolezwe, ungambhalela ku: [email protected] noma umlandele kwi-Instagram: mcebo_mpungose