Mhleli: Imikhankaso yabezombusazwe iphumile ithe chithi saka nkalo zonke zezwe. Eminye ikhombisa ukudelela nokubukela phansi abanye abantu. Inkinga-ke angazi bayoze bakhule nini abantu bakithi emiqondweni.
Ngibona kuwukubukelwa phansi kwemizi nokho ukuthi kuhlalwe kuhlalwe kuhlushekiwe bese kuthi nxa sezibheke kumaliyethe kube khona abantu abazoningenela emakhaya bethi bavoteleni ngoba bazonenzela okuthile.
Bebethuleleni sonke lesi sikhathi? Okubuhlungu kukhona enihleli nabo emakhaya abangasebenzi .Kusetshenziswe bona ukungena imizi ngemizi. Ungathembisa abantu kuthi uzobenzelani nawe ulambile, ungenalo ngisho ihhovisi la abantu bengafaka khona izikhalo zabo?
Ngabona noNdunankulu Sihle Zikalala edla phansi ngedolo komunye umuzi ezocela ivoti. UNgcono ke yena unalo nehhovisi. Angabakhohlisi ngegilosa abakuleyo mizi ayeyihambelile nxa sekudlule ukhetho. Kunomuntu ongenalutho okwangempela. Izimoto ezibathwalayo zigcwele maqele onke zichithiwe.
Kuthi ke uma seziwuqedile umsebenzi lowo bese kuhlanganwa ndawana thile kudliwe obude utshwala lobu. Yintsha futhi egcwala lapho. Okunye engikhala ngakho ngukuthi kunenqwaba yamaqembu evumbuka nxa sezibheke kumaliyethe.
Maningi kakhulu futhi nonyaka. Abantu bakithi bagxuma bahlale kuwo. Nabangene ngokuzimela balandelwa yinqwaba yabantu. Asazi iyobanjwa eshone nayo.
Phila N. Mthethwa
EMPANGENI