INCWADI: Anton Rupert
UMBHALI: Ebbe Dommisse
ABASHICILELI: Tafelberg
UJULILE umlando kwempunyela eseyashona u-Anton Rupert. Yize ingaqali ukushicilelwa incwadi ka-Anton kepha kuningi okwengeziwe ngumbhali.
Ukuthuthuka kukasomabhaiznisi kwezomnotho nokutshala kwakhe izimali ezinkampanini eziningi kuyohlale kuyingxenye yomlando waseNingizimu Afrika.
Waqala ibhizinisi lokuwasha izingubo ngemali azipatanisela yona kthiwa akazange athole ifa elashiwa ngabazali ukuze angene kwezamabhizinisi. Insizwa endala ikhulele e-Eastern Cape, lapho kwazalelwa khona utata uMnuz Nelson Mandela, uDkt Oliver Tambo, uMnuz Thabo Mbeki nabanye.
Kuyaziwa ukuthi wathuthukisa kakhulu amabhizinisi abamhlophe ikakhulu awamabhunu.
Ngo-1996 waxhasa ukuhunyushwa kwencwadi ebhalwe ngoMandela iLong walk to freedom, eyalotshwa ngu-Antjie Krog. Wayekhona ngesikhathi kwethulwa incwadi ngo-2001. Konke lokho kwakuveza khona ukuthi uyazigqaja ngolimi lwakhe lwesibhunu.