MHLELI: Idolobha laseMsunduzi, iPietermaritzburg, kufanele engabe liyigugu kepha libukeka liyichilo ngenxa yokuxathuka kwalo.
Leli dolobha liyinhlokodolobha yesifundazwe iKwaZulu-Natal, kodwa lokhu akubonakali. LinesiShayamthetho namahhovisi eminyango eminingi kahulumeni kodwa ngeke usho uma uhamba emigwaqweni yalo. Kukhona namahhovisi kaNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala. Ngaphezu kwalokhu linezindawo ezingamagugu nomlando wezwe ezinganakiwe. Iyathusa indlela eseliphenduke laba yiyo.
Uma ukhethe ukungena kulona ngaseMasukwane, ukhangwa wukuxathuka. Uma ungene ngoBoshof Street yisimo esifanayo. Ihlazo wukuthi kunezindawo ezinezikhotha phakathi edolobheni. Utshani abugundwa. Uma lina kuvumbuka yonke inkunkuma nokungcola kugcwale imigwaqo. Kugcina sekunamanzi anyanyisayo edolobheni, ungafunga ukuthi inhloso wukufuya omiyane ngoba ubathola sebebhuza edolobheni. Okunye okuxakayo yiphunga elibi elibeka impilo yabantu engcupheni. Lokhu kwenziwa wukuthi amapayipi okuhambisa amanzi avalekile futhi akekho ozimisele ngokuwalungisa.
Osomabhizinisi abaningi sebeyisono ngoba abantu sebeyanqena ukuya enkabeni yedolobha ngenxa yokungcola. Angiyiphathi eyasemarenki akhona. Ungafunga ukuthi kunomqhudelwano werenki engcole kakhulu kunawo wonke eThawini. Amathoyilethi akhona kawasebenzi. Amanye avaliwe. Amanye avuliwe kepha ngeke ungene kuwona uwasebenzise ngokukhululeka. Uma ungena uhilwa yiphunga ungena uze uyophuma. Uthola abantu bezikhulula noma yikuphi lapho bethanda khona. Kuvimbanise iphunga lendle nomchamo. Kubi kakhulu - impilo yabantu isengcupheni.
Kungani kunje? Yingenxa yenkohlakalo? Ngiyazi kunomlawuli ozimele, kepha imeya yedolobha ithule ithini uma kunje? Mnuz Mzimkhulu Thebolla, ngabe unaso isibindi sokuzibiza ngemeya yedolobha elinje?
Ngaphambi kokuba ngize ngifike kuZikalala njengoNdunankulu, ngicela ukuqala kuMkhandlu wesifunda uMgungundlovu okuyiwona owengamele uMsunduzi. Ubuholi baseMgungundlovu buthuli buthini ngaleli hlazo ?
Ngisho imigwaqo yakhona iyihlazo. Ngisanda kubona omunye umuntu kuFacebook ekhala ngomgodi ophakathi nomgwaqo olimaze amasondo emoto yakhe e-Alexandra. Abantu sebencamela ukuya ezinxanxatheleni zezitolo ngenxa yelesi simo. UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu wona uthuli uthina uma isimo sinje? Yini? Imali engekho? Akuchazwe phela.
Siyazi kuke kwabikwa inkohlakalo edla lubi kulo masipala. Obeyimeya uMnuz Themba Njilo, ukhishwe sekuvele sekonakele. Imali ibisibhubhudlwe kakhulu - negama lakhe selimosheke laphela njengosomabhizinisi. Sekulula nokukholwa abasola inhlangano ebusayo ngokuthi yayimfaka ngekhanda lo somabhizinisi ngoba kukhona abanezinhloso ezingasile zokudla imali ngenkohlakalo yamathenda.
Ngenkulu inhlonipho baholi be-ANC, ngicela nicabange abaholi benhlangano yenu njengoMnuz Harry “Mtomdala” Gwala. Nithi uGwala uthini ngani lapho ekhona uma idolobha azalelwa kulona liyihlazo kanje?
Ngicela kuphele ukuzicabangela kunina. Ake kubuye onembeza ngabantu okufa amabhizinisi abo ngenxa yokuxathuka kwedolobha.
Sizwe Ngcobo
EMGUNGUNDLOVU