UMCIMBI wokwetheswa iziqu kwezitshudeni zaseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) kusematheni kulezi zinsuku njengoba kuyinkathi yale micimbi emanyuvesi ehlukene kuleli.
Abantu abaningi bahlabeke umxhwele ngobekubonakala kwenzeka emicimbini yase-UKZN kanti nathi sikushayela ihlombe.
Yaze yayinhle futhi yagqugquzela into eyenziwa yile nyuvesi, yokuvumela izitshudeni ezithweswa iziqu nezihlobo zazo ukuthi zijabule ngendlela ezifisa ngayo.
Abathandi bobumnandi, kuyaye kuthi uma sekuvutha egigini sekumnandi kakhulu, ubezwe bethi “ongadansi uyathakatha.” Kufika lesi siqubulo uma ubuka izithombe nama-video ase-UKZN - ongabuboni ubuhle balokhu okwenzeka khona, cishe unenkinga yomona.
Ukugiya, ukucula, ukubongela nokusina esikubona kwenzeka kule nyuvesi kakukona ukunandisa nje kepha kuxoxa indaba ejulile ngomuzwa ofikela othweswa iziqu nombongelayo.
Kukhona izitshudeni eziqhamuka emindenini ehlwempu futhi engakaze ibe nelungu elithweswa iziqu ngakho ukufinyelela kwazo kuleli zinga kuyinto enkulu.
Sizishayela ihlombe neziphathimandla zase-UKZN ngokuvuma ukuvula inkundla kulo mcimbi. Lokhu kutshengisa ukwazi ngqo izitshudeni zale nyuvesi nemvelaphi yazo.
Namanye amanyuvesi angasikopela lesi sitayela esihle ngoba lo mcimbi usuke umkhulu kulabo abasuke beqala ukuthweswa iziqu ngakho kumele bavunyelwe ukukujabulela ukufinyelela kule mpumelelo ngendlela abafisa ngayo.
Siyazihalalisela zonke izitshudeni ezithwesa iziqu kule nkathi, sengathi ikusasa lingaqhakaza niqhubeke nokufeza amaphupho enu nawemindeni yenu.