MHLLEI: Izolo bekugujwa usuku lwabafelokazi emhlabeni wonke jikelele. Okungethusile wukuthi selokhu lwasungulwa ngo-2011yiNlangano Yeziwe kodwa akukho okubalulekile okuthinta lona okwenziwayo futhi baningi abangazi ngalo.
UNgqongqoshe woMnyango wezaBesifazane neZingane kusafanele enze okuthe thuthu ukufinyelela kubafelokazi, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya lapho ukuhlukumezeka kwabo kusezingeni eliphezulu. Kuningi okubahlukumezayo kusuka kudlule umyeni, kubangwa isidumbu. Uzothi ungadlula umgcwabo kubangwe imali, izimpahla ngisho umuzi uqobo.
Iqiniso limile ukuthi abantu bakithi abaningi abakabi nazo izincwadi ezilawula ukwabiwa kwamafa, okwenza kube nombango emndenini. Emakhaya abafelokazi baphucwa imfuyo, amasimu nomuzi. Abanye bayaphoqwa ukuthi bangenwe ngabafowabo babayeni. Yizo zonke lezo zinto okufanele ngabe abafelokazi bayahlangana baxoxe ngazo.
Asibonge uhlelo obelushayelwa nguNkosinathi Mshengu oKhozini FM obeluba ngesonto izintathakusa, lapho abafelokazi bebeshaya izingcingo basho izinkinga zabo. Baningi abasizakala kulolu hlelo belapheka emphefumulweni njengoba isiZulu sithi injobo ithungelwa ebandla. Bebethola izeluleko kwabanye asebadlula esimweni esifanayo nakuye uMshengu.
Nabo abafelokazi kufanele bavule amehlo baxwaye izimpisi eziza kubo zembethe isikhumba semvu, ikakhulukazi abasuke bese basha bangena othandweni qede balahlekelwe yikho konke abebekushiyelwe ngabayeni babo.
Siyanxusa emindenini ukuthi ibaphathe kahle abafelokazi nabo banamalungelo njengawo wonke umuntu oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika. Abangathathwa njengezinto ezingenangqondo ezingakwazi ukucabanga futhi ezingabuzwa ubuhlungu.
Makhosi okaMgalaza
KWASWAYIAMNE