MHLELI: Ngithi angibhale kwelakho eliwela umfula ugcwele njengesakhamuzi ku-ward 105 ngaphansi kukaMasipala weTheku ngizwakalisa ukudumala kwami ngento eyenziwe yikhansela lakule ndawo.
Ikhansela lilethe ukudla ebusuku kanti abantu abahlomulile ngabangaswele njengoba iningi labo linabo abasebenzayo emindenini.
Okubi nokuyinto engiphathe kabi wukubona imindeni ephethwe yizaguga neminye eholwa yizintandane isala ngaphandle ngenxa yokukhetha iphela emasini okwenziwe yikhansela nobhululu balo.
Lokhu kushiya isithombe ngobuholi balo masipala njengoba abantu bezobulawa yinkemane kodwa kukhona izijumbana zokudla ezikhishiwe zaya kwabathile abathandwa yizinhliziyo zabo.
Ubani obhalisa abantu abadinga izijumbana zokudla? Iyiphi indlela abayisebenzisayo ukukhetha abantu okumele bahlomule? Leli gciwane ukufika kwalo kuthinte wonke umuntu kodwa bengithi asibhekelele labo abaswele ngempela singacabangeli abangani bethu.
IMeya yeTheku uMxolisi Kaunda ngibe nesiqiniseko sokuthi kwayona kayilwazi unya olungaka olwenziwa ngamakhansela kamasipala.
Okubuhlungu uma kuvotwa bangena kuyona le mizi yabantu abaswele bezoyikhohlisa ukuba ibavotele. Leli khansela eliphethe izindawo ezihlanganisa iMfume, iFakazi, Ohlongeni naseMdumezulu alinasizo emphakathini kodwa ligijimisa intuthuko endaweni yangakubo eMfume. Ngeke ngithuke uma ngizwa ukuthi abantu abaningi abahlomulile abaseMfume.
Okubi ukuthi abantu abazona iziwula. Lokhu abakwenzayo bakumele nangonyaka ozayo uma sebencenge amavoti.
Okhathazekile
EFakazi