MHLELI: Ake ngiveze umbono wami ngodaba oluthwalise kanzima amadoda kulezi zinsuku. Ngiphawula ngomthetho osavivinywa wokuthi abantu besifazane kuleli kungenzeka banikwe ilungelo lokuba bathathe isithembu.
Izimo ezinjena-ke ezidinga ukuba uhulumeni udaba alubeke ezithebeni ke ludingidwe wumphakathi wonke, ngaphambi kokuba lo mthetho uvunywe noma wenqatshwe. Ngiyacabanga ukuthi uhulumeni noma iPhalamende kumele lenze umthetho othi: Yonke imthetho yezwe iyophasiswa uma iningi lezakhamuzi kuleli liwuvuna lowo mthetho. Uhulumeni angaqhamuka nohlelo lokuvota ngokwe-internet ukuze kugwemeke izindleko nokuthi umphakathi ube nezwi ngokumele kwenzeke ezweni. Phela yimbi kabi le nto yokuthi kuhlangane iqeqebana livumelane ngokuphathwa kwezwe.
Kumanje nje miningi kakhulu imithetho okumele ibuyekezwe kunikezwe abantu ithuba lokuveza imibono yabo, iqedwe leyo mithetho nokuchema kwayo. Kungashona ilanga nokho uma ngingabala leyo mithetho echemile, ecindezelayo, engahambisani nobu-Afrika.
Nalona ohlongozwayo umthetho cishe ungasebenza kahle kwamanye amazwe lapho abantu bakhona bewuhlanga olulodwa, bekholelwa enkolweni eyodwa, bekhuluma nolimi olulodwa. Kodwa e-Afrika ngeke waba yimpumelelo lo mthetho, phela ama-Afrika anendlela yawo enemicikilisho emihle eyenziwayo ngaphambi kokuba kushadwe, ngakho-ke ukufika nokuphasiswa kwalo mthetho kungashayisana nendlela ama-Afrika enza ngayo izinto. Lo mthetho uma uhulumeni ewuphasisa kuzofanele awusebenzise yena nabangani bakhe uma umphakathi unganikwanga amandla okuwuphasisa.
Angithi uhulumeni uyakwazi ukusondela emphakathini uma ushintsha amagama ezindawo nemigwaqo. Umphakathi uthola nethuba lokuveza uvo, uze uphakamise amagama okumele leyo ndawonoma umgwaqo ubizwe ngalo, yini ke engahlula uhulumeni kazwelonke ukuba unike umphakathi ithuba lokuveza uvo ngalo mthetho okuthiwa usankankanywa? Kangiyiboni mina. Abantu abanikwe amandla nethuba lokuveza uvo lwabo.
Sibahle Ngobese
ENQUTHU