MHLELI: Udaba olusematheni kule mihla ngolokubulawa kwabaholi bomdabu okungamakhosi nezinduna. Impela lujulile ngaphezu kokuba ecabanga uNdunankulu uKhuzeni. Akusona isigemegeme esingaxazululwa ngoba kulindeleke ukukhonga amavoti ngamaqembu epolitiki kodwa kunesidingo sokuba kubuyelwe emuva. Kubhekwe ukuthi kusekhona yini ukuhloniphana nokwethembana kubaholi nabantu okumele baholwe?
Uma sibuyela emuva kusaphethe iziNgonyama zakithi kwaMalandela. Kwakuba nabantu abasondele kakhulu ekuzotheni nasekuthatheni izinqumo ezindabeni ezijulile ekwakhiweni kombuso waKwaZulu. Noma babeyiziNgonyama kodwa kwakunabeseki noma abeluleki okwakuthi uma bengavumelani nalokho ebikusho iNgonyama, icabangisise maqede yehlele ngezansi.
Njengamanje, siphila esikhathini lapho kwawona amakhosi imbala engasenandaba nokuzisondeza kubantu azobakhela ukuphatha ngobuqotho. Kumele phela sikhumbule ukuthi amanye athatha ubukhosi engazi lutho noma engavuthiwe ngokuphathwa kwesizwe. Ahlala emandleni maqede azithathe ngokuthi azi konke. Ngisho nemithetho ayishayela ukulawula isizwe imbala, kayicwaningwa ndawo, akhohlwe ukuthi kuthiwa inkosi iyinkosi ngabantu.
Siphila esikhathini lapho khona kunabaholi bomdabu abakholelwa ukuthi imali ihamba phambili. Ukuthi umphakathi oholwayo udingani, akusanakwa. Ingani phela aqhelile kubantu abaphethe. Kwenye inkathi sifunda mihla namalanga ngokuthathwa kwezindawo zabantu ngegunya lokuthi yizindawo zamakhosi.
Selokhu kwathi nhlo, umphakathi ubunezindawo zawo zisetshenziswa yizizukulwane. Kunamaliba ezizukulwane; kuyafika lokhu asikwazi kuhambisana nokuthi umhlaba weSilo usuphendulwe ibhizinisi.
Sengathi nokuvalwa kwesikole esabe sifundisa amakhosi, kunomkhulu umthelela, njengoba sibhekene nesimo esingakaze senzeke. Ukubona amakhosi nezinduna bevukelwa umbhejazane ngabantu ababaphethe. Okunye-ke futhi kube nomkhulu umthelela ukuholelwa kwezinduna kanti ekuqaleni kusekhona umgano ezweni, zabe zivuzwa ngokudla ishumi nesithupha lezinkomo.
Kungakho-ke nje nginongabazane ngokuthi uNdunankulu okaKhuzeni uzowubhula lo mlilo, sengathi abaholi kuhulumeni baphuza utshwala obungagovuziwe.
Mayelana nendaba yamakhosi oselwa, iningi lawo liseyizingane okufanele zibhinciswe ukuze zikwazi ukubhekana nezidingo zomphakathi. Izidingo zethu esakhe emakhaya kazifani nezabantu abakhulele emalokishini kanjalo namakhosi ayabadinga abantu abazowaqinisa ukhakhayi. Okunye okumele kwazeke ukuthi amakhosi aphethe manje kukuwona ukuthi aziqinisa kanjani ukhakhayi. Angakwenza lokhu ngokusondela kwizingwevu zakithi, ilanga lingakashoni.
Ngakho-ke yikho nje nginongabazane ngokuthi kuzoletha isixazululo ukungenela kwabakuhulumeni. Behluleke bancama ukunqanda ukubulalana kwabepolitiki ikakhulukazi amakhansela. Kumele benze into eyodwa, ukubeka phambili izwe abaliholayo, okwemali kuze emuva. Mabaqhele uhulumeni ezindabeni zokubulawa kwabaholi bomdabu.
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE