UZOTHOLELWA onogada abazomqapha ubusuku nemini uJub Jub ongumethuli wohlelo olusha oluzoneka obala abantu abangathembekile kwabathandana nabo i-Uyajola.
Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luqale ukusakazwa kwiMoja Love (DStv channel 157) ngeSonto ebusuku. Lolu hlelo luqala ukusakazwa ngeSonto elizayo. Kulezi zinsuku kusavela amazwibela.
Yize kunjalo kodwa abantu sebeqalile ukuthumelela uJub Jub imiyalezo yokunengeka kwabo ngalolu hlelo.
Abanye bakhala ngokuthi lolu hlelo luzobhidliza imizi yabantu.
Inhloko yezinhlelo zeMoja Love, uBokani Moyo ekhuluma neSolezwe ngeSonto emcimbini wokwethulwa kwezinhlelo ezintsha zalesi siteshi eSandton, eGoli, ngoLwesithathu, ithe bakhathazekile ngokuphepha kukaJub Jub njengoba eseqalile ukuqopha lolu hlelo.
Uthe baxoxisene naye ukuthi atholelwe onogada abazomqapha ngaso sonke isikhathi.
Uveze ukuthi uJub Jub yena uthe akasiboni isidingo sokuthi abe nonogada.
“Uma eyoqopha uhlelo uhambisana nonogada abavikela ukuphepha kwabo. Ngokuba bucayi bohlelo sibona kungcono ukuthi ahlale eqashiwe. Siyazi ukuthi kusazoshuba uma lolu hlelo seliboniswa kuthelevishini,” kusho uBokani.
Uthe sebeqalile ukuthola ama-video nezingcingo eziqhamuka kubantu abangahambisani nalolu hlelo.
Abantu abaningi uthe lolu hlelo luzobaqhatha nezithandwa zabo kanti banovalo lokuthi kungagcina sekukhona abalimalayo noma kuphume izidumbu.
Ephawula ngalolu hlelo emcimbini, uJub Jub uthe luhlukile kakhulu kunohlelo abelethule ngonyaka odlule, Uthando Noxolo.
Uthe ucela abantu bangamzondi, baqonde ukuthi akananxa nabo uzobe eqhuba umsebenzi wakhe kuphela.
“Umuntu onezinsolo ezithize ngesithandwa sakhe uzofona, ngithumele abaseshi ukuthi baphenyisise. Uma kukhona okubambekayo, sizolandela sizame ukusiza. Uma kukhona amakhaya anezinkinga, izingane ezikhula ngaphandle kwabazali ngingasho ngithi ngenza umsebenzi oncomekayo. Akekho umuntu ofuna ukuqhamuka ekhaya elinjalo,” kusho uJub Jub.
Uthe uyababona bonke labantu abamthumelela ama-video bemkhuza ngokwenza lolu hlelo.
Uqhube wathi ubheka uhlu lwabo, usezi-thendeni zabo ngoba wonke umuntu okhona unakho ukungathembeki kwathandana naye.