KUQHILIKA izihlathi kumfundisi wodumo lwezinkulumo ezakhayo kulandela ukusayiniswa inkontileka ‘ebhekile’ isiteshi somsakazo Ukhozi FM, njengoba sisanda kwenza izinguquko.
UPastor Sthembiso Zondo uzophinde azwakale ohlelweni lwasekuseni, oluqanjwe kabusha ngokuthi Isidlo Sasekuseni njengoba selwethulwa uNongcebo Mckenzie noTshatha Ngobe.
NgoLwesihlanu uZondo ubejabulisa okwengane ngalezi zindaba.
Uthe usefisa engabe sekuwusuku lwakhe lokuqala okuwuMsombuluko, ngendlela ajabule ngayo ukubuyela ekuseni.
UZondo ujabula nje, wayeqale khona ohlelweni lwasekuseni kusekhona uLinda Sibiya kulolu hlelo futhi wazakhela khona udumo.
Okujabulise uZondo yinkontileka angahlonizanga ngokuthi imjabulisile.
“Ngeke ngiqambe amanga mtaka ma, engikunikiwe kungijabulise kakhulu, kuphambi kwami ngikhuluma nawe nje,” kusho uZondo.
“Ngishaya umthandazo wamaRoma othi: njengoba kwakunjalo ekuqaleni, kusazokuba njalo namanje. Ngijabule kakhulu sengingaba ngisho umashonisa kwabafuna ukuboleka imali, sengisayinile inkontileka savumelana nangohlelo. Sengethuliwe ethimbeni engizosebenza nalo. Ngifisa abantu bangibongise kuKhozi FM ngokungilanda liphinde linginikeze elinye ithuba. Nabantu engizosebenza nabo bangamukele kahle. Abantu ngiyabethembisa, ngeke sibeke imfundo phambili kodwa sizobhekana ngqo nezinkinga ezibathintayo,” kusho uZondo. UZondo ubuya ngalolu hlelo nje, kuke kwanemibuzo eminingi enyamalala ohlelweni lwasemini kulo msakazo olushayelwa wuDudu Khoza, iJabul’ Ujule. Ebuzwa mayelana nalokhu, uvele wangena ezintangeni wangaphuma nazigabe kwacaca ukuthi leyo akathandi ukukhuluma ngayo.
Ugcine esentela nje ethi: “Bengisayojima ngithatha amandla. Ngizobuya namandla amakhulu, abantu abalalele uKhozi ngoba umgodla ugcwele. Sizokhuluma ngazo zonke izinto eziyizinkinga kubo,” kusho uZondo. Emuva kokumemezela nakuFacebook uZondo abalandeli bakhe bazwakalise okukhulu ukujabula mayelana nalezi zindaba.
Ngaphandle kokubuyiselwa kulolu hlelo, uZondo uthi konke kusahamba kahle nasebandleni lakhe.
Okhulumela iSABC, uVuyo Mthembu ukuqinisekisile ukuthi uZondo unenkontileka nalo msakazo futhi uzozwakala ohlelweni lwasekuseni.