UKUQALA konyaka kuza nezinguquko ezinqala emdlalweni wethelevishini iBroken Vows edlala ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ku-e.tv ngo-6.30 ntambama.
Lezi zinguquko zingase zijabulise, kokunye zikhalise ababukeli balo mdlalo njengoba sekuvele ukuthi uSimphiwe Ngema uyolingisa kuwona.
USimphiwe uzakhele ugazi ngesikhathi edlala enguThuli kuMuvhango kwiSABC2 futhi ubegane umlingisi osanda kushona nobedlala kwiRhythm City uDumi Masilela.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ngabakwa-e.tv abathe uSimphiwe uzodlala indawo kaDudu Mkhwanazi.
Uzodlala engumzala kaThandi nomshana kaLydia. Indawo yakhe izoheha kakhulu ngoba uzoba ngumculi ofufusayo kodwa onephupho lokuphumelela kowokholo.
Uzoqala ukubonakala ngoNcibijane kulo mdlalo. Kusenjalo kumenyezelwe ukushiya kuka-Enhle Mbali Maphumulo kulo mdlalo.
Esitatimendeni esikhishwe yinkampani ephethe izindaba zakhe, kudalulwe ukuthi ukushiya kuka-Enhle kungenxa yokufisa ukugxila kwezinye izinto empilweni.
Phakathi kwazo kubalwe ukungena kwezamafilimu, ukunaka uhla lwezokugqoka lwabesifazane abakhulelwe, iSE Preggos Collection, ayisungule nyakenye nokukhulisa inkampani yakhe ekhiqiza izinhlelo, iSimplyEnhle.
UMbali uvalelise kubalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana iTwitter no-Instagram, wabonga nangokumeseka. Iningi limfisele inhlanhla, lathembisa nokuqhubeka nokumeseka kwakwenzayo.
KwiBroken Vows ubedlala indawo ka-Azania kanti uzogcina ukubonakala ngoJanuwari 8, ngonyaka ozayo.