UZIDONSELE amanzi ngomsele uDJ Tira ngengoma ayenze noMampintsha ngesigameko esithinta izinsolo zokushaywa kukaBabes Wodumo.
UMampintsha wavulelwa icala lokushaya yintombi yakhe, uBabes Wodumo. Ungaphandle ngebheyili kaR2 000. Ukushaywa kukaBabes kwabonakala kwi-video kwi-Instagram. Lo mculi usanda kukhipha isitatimende exolisa.
“Ngicela ningixolele. Le nto eyenzeka wuSathane futhi kuze kube yinamhlanje angazi kwenzeka kanjani,” kubhala uMampintsha.
NgoLwesithathu ngaphambi kokuthi baye emcimbini iWine Wednesdays beyothula umculi omusha, uTira wafaka i-video benoMampintsha. Wathi basestudiyo baqopha ingoma entsha, waveza uMampintsha eqopha. UTira ukuchithile ukuthi bayenzile ingoma.
“Ngiwazwile amahlebezi ngengoma enjalo. Kodwa angazi noma ikhona yini ingoma enjalo,” kusho uTira ngeSMS.
Also I just wanna say that I'm so disgusted at DJ Tira the audacity of him to proudly promote Mampintsha's new single as if nobody knows what he did to Babes Wodumo on record.
I can't even. pic.twitter.com/rl7msfGbj2
— Mx_Moosa (@Moosa_Kaula) March 23, 2019
Kodwa ikhona i-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana eyidlala emotweni ingoma, ehamba nabadansi bakhe uSlenda no-Ornica.
Inezinhlamvu ezithi “kukhona izingane lapha endlini” okungenye yezinto uMampintsha ayezisho ngosuku lwesigameko.
Abantu bebephawula ezinkundleni zokuxhumana ngengoma. -@Moosa_Kaula ubhale kwiTwitter ukuthi siyanyanyisa isenzo sikaTira sokumaketha le ngoma. Umlingisi uKhanyie Langa uthe: “Uyanyanyisa ngaleyo ngoma @MampintshaNuz.”
U-@Mfazomnyama_ uthe: “UMampintsha uzokwenza inzuzo ngokushaya uBabes Wodumo. Wenze ingoma ngamazwi ababeqophisana ngawo ngobusuku besigameko. Ingoma izodlala yonke indawo, indoda izokwenza imali kodwa ukuhlukumezeka kukaBabes ngeke kuphele.”
UMark Gamanya uthe uTira ungusomabhizinisi futhi unomndeni okumele awondle.
“Sonke siyabashaya abantu empilweni yethu asingenzi ngathi simsulwa.”
Udadewabo kaBabes futhi oyimenenja yakhe, uNondu Simelane unqabile ukuphawula.
“Ngicela nithinte umnikazi wengoma,” kusho uNondu.
Imizamo yokuthola uMampintsha ayiphumelelanga, ucingo lwakhe beluvaliwe.