UFIKE nemibono emisha ohlelweni obelugxile kwezemishado umsakazi woKhozi FM, oseqale nezinhlelo zokuhambela abalaleli bohlelo.
ULucky Nkosi oshayela Ikhethelo LoKhozi ngoMgqibelo ngo- 5 kuya ku-9 ekuseni, waqala ngo-Ephreli wonyaka odlule ukushayela lolu hlelo. Ubekade esuka kolubizwa ngeNdonsa obelugxile emculweni wamaZayoni nezingoma zothando, abeselushayele iminyaka emithathu.
“Lolu hlelo engilwenza manje alinaye umdidiyeli. Ngafikelwa umbono wokuthi kumele abantu bafundiswe nangezinye izinto ezithinta imishado nezinselelo. Ngaqala ngacabanga izihloko esingakhuluma ngazo ezithinta abashadile nababuya emshadweni,” echaza.
Uthe ngesikhathi eqala lo mbono naye wayesaba engazi ukuthi abalaleli bazowamukela kanjani. Nokho ubambe inkolelo yokuthi umsakazo kumele ufundise umphakathi. Kulolu hlelo ujwayele ukuba semoyeni noMfundisi Bhongolwethu Mzozo ophinde abe ngumelaphi wendabuko, odume ngelikaDkt Khehlelezi.
“Ngamema uKhehlelezi ngoba ngifuna sikhulume ngezinto ezithinta isintu. Ngathola ukuthi miningi imishado echithekayo ngenxa yezinto ezithinta isintu. Indlela abantu abalujabulele ngayo ushintsho, ngithola imiyalezo eminingi bebuza ngezihloko ebesikhuluma ngazo. Kwesinye isikhathi ngiphoqeleka ukusiqhuba isihloko ngesonto elilandelayo ngenxa yesasasa. Sibiza ngisho abeluleki bezengqondo nabaholi bezenkolo, sikhulume nangezindaba zezingane emshadweni,” kusho yena.
Ngenxa yokubona isasasa kubalaleli uNkosi uthe babone ukuthi mabahambele izindawo ezahlukene. Baqale umjikelezo obizwa ngokuthi ‘Siyabasindisa.’ Uthe basuke bekhuluma ngezihloko abazidingida emsakazweni baphinde balaphe ngokomoya njengoba kumenywa abefundisi nabaculi bowokholo. Uveze ukuthi sebebizwe ngisho eGoli, umjikelelezo uzoba njalo ngenyanga emadolobheni ahlukene.
UNkosi ophinde abe uthishanhloko esikoleni samabanga aphansi eMariannpark Primary, waqala ukusebenza kuKhozi FM ngo-2007. Uke waba sezinhlelweni zemisakazo yomoya. Unolwazi olunzulu emculweni wamakwaya abuye abe yijaji kuwo, wathola neziqu zobudokotela kulo mkhakha. Uke waba uSihlalo weKwaZulu-Natal Choral Music Association. Okumenza athande ukwelapha abantu ngomphefumulo, ukuthi uyise owayedume ngoMnyezane, wayengumfundisi.