UZOBE ehambisana nabangani bakhe abangosaziwayo, u-Unathi Nkayi njengoba eseqale uhambo lokujabulisa abalandeli bakhe ngomculo olwaziwa nge-5 City Album Tour.
Lolu hambo luqale eGoli ngo-Agasti 18.
NgoSeptemba 20, U-Unathi uzobe ejabulisa abalandeli bakhe ePlayhouse, eThekwini.
Kulo mcimbi uthe uzobe ehambisana nomngani wakhe omkhulu ophinde asebenzisane naye ohlelweni ama-Idols SA, uSomizi Mhlongo.
“Kuwona wonke amadolobha esengiwahambelile bekukhona usaziwayo oyedwa engihamba naye engimkhonzile futhi ongixhasa kuzona zonke izinto engizenzayo empilweni yami ukuze abone ukuthi ngimbonga kangakanani. EThekwini ngiza nomuntu olikhonze kakhulu leli dolobha ozofike abajabulise ngezinto eziningi abazohambela umcimbi,” kusho * -Unathi othe ngaphandle kukaSomizi uzobe ehamba noMondli Ngcobo noMerlon abathandwa kakhulu nabazakhela udumo ngengoma ethi Koze Kuse.
Uthe iTheku yikhaya lakhe lesibili ngakho ujabule ngokuthi uhambo lwakhe luzoza nakuleli dolobha.
“Ngibonga uNkulunkulu ngokwenza yonke imizamo yami ibe yimpumelelo. Ngiyacela ukuthi abantu baphume ngobuningi bayothenga amathikithi alo mcimbi, ngiyabathembisa ukuthi ngeke baphoxeke. Emadolobheni esesiwahambelile abantu bakhombise ukuwuthokozela lo mcimbi ngisho amadolobha esingakwazanga ukuya kuwona abantu bayafuna ukuthi size kuwona,” kuchaza * -Unathi.
Ngaphambi kwedili lomculo, * -Unathi uthe uqale ahlangane nabalandeli bakhe abasayinele ama-CD abasuke bewathengile.