UMLINGISI uBheki Sibiya uveze ukuthi ubuyele ekulingiseni ukuze ezokhombisa indodakazi yakhe eyayizwa ngendaba ukuthi uyalingisa.
UBheki ubuye ngomdlalo iHostela kuMzansi Magic kanti manje umatasa nokuqopha Uzalo. Ubebonakala futhi nakwiThe Herd esanda kuphela lapho ebedlala khona indawo kaSmangaliso.
“Indodakazi yami uZethembe wayesemncane ngesikhathi ngilingisa. Wathi uzwa kuthiwa ngangilingisa kodwa akaze angibone. Yikho okungenze ngafuna ukubuyela ekulingiseni kanti ngizothola ucingo kuthiwa ‘awufuni yini ukuzozama ukuba kwiHostela?’ kanti ngizongena,” kusho uBheki.
KwiHostela wayedlala indawo kaMancinza okuyindawo emenze waqokwa kumaSimon Mabhunu Sabela Awards Film and Television Awards.
Uqokwe emunxeni weBest Supporting Actor lapho eqhathwe khona no-Ernest Msibi (eHostela) noJoshua bhele (eHostela) kanti abanqobile bazomenyezelwa ngoMgqibelo emcimbini ozoba sePlayhouse.
Uthe njengoba ebengalingisi nje ubematasa edidiyela futhi eqondisa amafilimu amafishane angaphezulu kuka-60.
Phambilini ubeke walingisa kuMuvhango nakweminye imidlalo.
UBheki uthe uzobe edlala indawo kaSfiso Ndlovu kuZalo olukhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto kuSABC 1.
Uthe uzobe eyisigebengu esizovundulula izinto eziningi ezingahambi kahle.
“Kulokhu engisakuqophile ngibonile ukuthi uyisigebengu esizobophisa ezinye ukuze yena ezokwazi ukuthi aqhube ubugebengu bakhe. Uyisigebengu esiyimpipi,” kusho yena.
Ubonge abantu ngokumeseka.
“Uthando abanginika lona lunginika isibindi sokuthi ngiqhubekele phambili,” kusho uBheki othe uyachichima yinjabulo.