UKUVALELWA wuthaqa engalitholi ithuba lokudansa emicimbini kufeze iphupho lakhe lokuba wuDJ uSlenda, ongumdansi wase-Afrotainment.
Uthe ubevele ekufisa kudala ukuthi abe nguDJ kodwa engenalo ithuba ngenxa yokuba matasa nomsebenzi.
Njengoba engekho matasa nokudansa manje uthe uthathe isinqumo sokuthi ayoziqeqeshela ukuba wuDJ. Manje usebizwa ngoSlenda Da Dancing DJ.
Uthe akazokuyeka ukudansa kodwa usezokwenza kokubili manje.
“ Into ebiyenza ngifise ukuthi ngibe wuDJ yingoba emqondweni wami nginakho ukuthi ngeke ngibe wumdansi impilo yami yonke.
“Kudingeke ngibheke omunye umsebenzi engingawenza uma sekufike isikhathi, ngingagxili ekudanseni, ngabona kungukuba wuDJ engingakwenza.
“Ngenxa yokuthi ngiyawuhlonipha lo msebenzi engingene kuwona ngithathe isinqumo sokuthi ngikuqeqeshelwe ukudlala. Ngingene e-Exclussive Academy engisaqeqeshwa kuyona namanje.
“Kukhona nomsebenzi wami esengiwuhlanganisile njengoDJ ngawufaka kuKhozi FM nakwiGagasi FM,” kusho uSlenda Da Dancing DJ.
Uthe noma engakawukhiphi umculo wakhe okwamanje kodwa ngokuhamba kwesikhathi uzowukhipha ukukhulisa umsebenzi wakhe omusha.
Uveze ukuthi ufuna ukwenza okwehlukile emkhakheni wokuba wuDJ njengoba ezoba ngu-DJ wokuqala wesifazane ozokwazi ukudlala aphinde azidansele. Uthe akuqaphelile ngoDJ besifazane abaziyo bavamise ukudlala kuphela, abadansi.
Le ntokazi yaseLamontville, ithe ibonga nokwesekwa yi-Afrotainment okuyinkampani edansa ngaphansi kwayo.
Uthe umphathi wakhe uDJ Tira uyamgqugquzela kakhulu ukuthi umsebenzi wakhe omusha ube yimpumelelo njengoba ehlala emesekile ethi akafeze iphupho lakhe, futhi bazomethula njengoDJ manje.
USlenda Da Dancing DJ ukubadansi base-Afrotainment ababizwa ngaMadada okuyinto evame ukushiwo wuDJ Tira uma sebenza abadume ngazo esteji.