NAKUBA uKwesta eshayelwa ihlombe ngokuletha umrepha wase-USA uRick Ross lapha eNingizimu Afrika kodwa sekuvele ukuthi usobishini.
UKwesta kuvela ukuthi uboshwa ngumhleli weNewcastle Summer Festival kulandela ukunqwaha nemali ayikhokhelwa ukuze anandise kulo mcimbi.
UKwesta wodumo lwengoma iVur Vai, uboshwa nguThembinkosi Mzoneli Nkala.
Imithombo epotshozele leli phephandaba iveze ukuthi uKwesta uboshelwa ukungabuyisi imali enguR94 000 ayikhokhelwa eqashwa ukuzonandisa ngoDisemba ngonyaka owedlule kulo mcimbi kodwa wangafika.
UKwesta ukuqinisekisile ukuthi waba nezingxoxo nabahleli balo mcimbi kodwa akayanga kulo mcimbi.
“Abahleli behluleka wukunginika ubufakazi bokuthi bayikhokhile imali esasivumelene ngayo. Ngangingeke ngisuke eGoli ngiye eNewcastle abantu benganginikile ubufakazi bokuthi bakhokhile, kukude kabi,” usho kanje.
Isolezwe ngeSonto liwabonile amakhophi eziliphu zaseFNB ezikhomba ukuthi kunemali enguR54 000 eyakhokhwa ngo-Okthoba nenguR40 000 eyakhokhwa ngoDisemba 4, yaqondiswa kwiRaplyf Entertainment, okuyinkampani ebhekene nokuqashwa kukaKwesta.
UKwesta uqhube wathi: “Uma kuseduze futhi ngingematasa ngiyaya emicimbini sifike sixoxe nabagqugquzeli ukuze sijabulise abantu thina sixoxe eceleni ngendlela yokukhokhelana kodwa inkinga kukude.”
Uthe kulolu daba ucabanga ukuthi abagqugquzeli bomcimbi basebenzise igama lakhe ukufeza izinhloso zabo.
Uqhube wathi uma kungukuthi udaba balufake kubameli koba kuhle uma bezobuphatha ubufakazi ngoba naye uzokwenza isiqiniseko ukuthi ugeza igama lakhe.
“Angithandi ukuthi abantu basebenzise igama lami ngendlela engeyinhle ngoba kuzogcina kuthiwa uKwesta akafiki emicimbini kanti akulona iqiniso, angiyenzi leyo nto kubantu,” kuphetha uKwesta.
UNkala uthe ngeke aphawule ngalolu daba ngoba lusezandleni zommeli wakhe u-Allen Kelly, akuthintwe yena.
Ummeli uKelly, uthe udaba lusezandleni zakhe kodwa ngeke akwazi ukudalula imininingwane njengamanje.
Kune-video eyayithunyelelwe abomcimbi lapho uKwesta ayexolisa kubalandeli ngokungaphumeleli kwiNewcastle Summer Festival. Utshela abalandeli ukuthi uzobanxephezela ngokuthi abekhona eKhaya Lounge ngoDisemba 15 nyakenye.