USHADELWE ngokwesintu umlingisi womdlalo Isibaya (Mzansi Magic 161), olingisa indawo kaZebedewu kodwa owazakhela udumo ngokuhaya izinkondlo uSbo Da Poet.
USbo waseMandawe, eScottburgh, ushade nengoduso yakhe uNoluthando Maseko waseDumbe, ngaseVryheid.
Ekhuluma neSolezwe uSbo uthe wahlangana noNoluthando ePiet Retief ezihambela ngezinto ezithinta umsebenzi kwaba nzima ukuthi amzibe.
“Kwakungu-2010 sibonana, wangithatha ngendlela ayemuhle ngayo ngacela inombolo yakhe yocingo wanginika. Ngamtshela indlela engizizwa ngayo kodwa wangishikilisa isikhashana kwagcina kulungile,” kusho uSbo.
Uthe useqede konke sekushoda umshado omhlophe.
“Ngeke ngisho ukuthi uzoba nini njengoba sisanda kwenza lona wesintu nje kodwa wona uzoba khona,” kusho uSbo.
Uthe konke okuthinta ilobolo nomembeso ukwenze ngonyaka odlule.
“Ngizibona nginenhlanhla ngempela ngokuthola owesifazane ofana nonkosikazi wami. Ngibonga abangani bami nozakwethu abaphume ngobuningi bezongeseka kulo mcimbi,” kuchaza uSbo.
USbo akuyena kuphela usaziwayo ebeziwushaya kuyena kule mpelasonto njengoba umlingisi waseHammarsdale owaduma kwiGenerations, uXoli Zondi ebophe elikasofa silahlane ngoLwesihlanu.
UXoli ushade noPhiwokuhle “Bravo” Zamisa emcimbini oqale ngoLwesihlanu eCity Hill, eHillcrest waphelela kamkhwenyana eMthwalume ngoMgqibelo.
Khonamanjalo insizwa yaseMlaza eyaduma ohlelweni ama-Idols SA naseqenjini lomculo wokholo iJoyous Celebration, uKhaya Mthethwa, ushadelwe ngokwesintu waphinde wembesa umndeni kaNtandoyenkosi obenguMiss South Africa ngonyaka odlule.
UKhaya ushade noNtando kubo kwale ntokazi eMpumalanga ngoMgqibelo.