UYAKUJABULELA ukuba yingxenye yabafakwe emkhankasweni womncintiswano wokufukula abesifazane, usaziwayo oyinxusa lawo.
UNicolette Mashile ongumethuli wezinhlelo kwithelevishini, ungomunye wabayingxenye yomncintiswano ohlose ukusiza abesifazane abafuna ukuba ngabalimi. Lo mncintiswano owethulwe ngenyanga edlule epulazini iJesmond eRichmond ngaseMgungundlovu, uNicolette ubuye abe ngumeluleki kwezezimali.
Lo mncintiswano oqalwe ngabeKnorrox nenkampani iLivestock Wealth, ugxile kwabesifazane abafuna ukuba ngabalimi kodwa abangenaso isikhathi sokufuya.
UNicolette odume ohlelweni iDaily Thetha kuSABC 1, uthe kuyamjabulisa ukuba yingxenye yalo mkhankaso ngoba uyathanda ukufukula abesifazane. Yize lo mncintiswano uvuleleke nakwabesilisa, ezinkundleni zokuxhumana uNicolette uyakugcizelela ukuthi ukukhuthaza abesifazane ukuthi babe yingxenye yawo. Lo mkhankaso wezinyanga uzosiza abawungenele ukuthi batshale imali kwezolimo bathole nenzuzo. Uhlose ukufundisa abesifazane nangokonga imali.
UNksz Mbali Ndlovu ongomunye wabagqugquzeli balo mkhankaso, uthe kubekwe eceleni imali okuzohlomula kuyo abayingxenye yomkhankaso.
“Ukusiza abesifazane kuseqhulwini, yingakho sikhuthaza kakhulu ukuthi kungenele bona,” kusho yena.
Uthe iLivestock Wealth yinkampani yezolimo esiza noma ngubani ofisa ukutshala imali, athole nenzuzo kulo mkhakha.
Echaza ngalo mncintiswano, uthe abangenele bazothola ithuba lokuthengelwa inkomo ukuze bangene emkhakheni wezolimo. Uthe okuhle ngawo ukuthi umuntu uyazibonela ibhizinisi likhula ngoba uzoba nomlimi osemnkantshubomvu ozombhekela inkomo yakhe. Ziyisishiyagalombili izinkomo ezibekelwe lo mkhankaso. Njengoba lo mncintiswano usaqhubeka, uNicolette ulokhu efundisa umphakathi ngokutshala imali kwezolimo ezinkundleni zokuxhumana nasemisakazweni.
Lo saziwayo ungumsunguli weFinancial Fitness Bunnies, ngenhloso yokufundisa ngokuphathwa kwemali. Ngothando analo ngezamabhizinisi uthe ukholwa ukuthi uzotakula abaningi abamnyama abasezinkingeni zezikweletu. Usezidonsele abalandeni abaningi ezinkundleni zokuxhumana njengoba efaka ama-video efundisa ngezezimali.
UNicolette wakhulela eBushbuckridge, eMpumalanga futhi unebhizinisi kwezezindlu. Okwamenza afise ukungena kwezamabhizini ukuthi waba nenselelo esemncane kwadingeka angahlali ekhaya ukuze athole imfundo engcono. Wenza izifundo zeSocial Studies and Law eRhodes University eGrahamstown wangaziqeda. Wabuye wenza iNational Diploma kwiSports Management nezeHuman and Social Studies, neHonours kwiCommunications. Uneziqu zePost Graduate Diploma kwiBusiness Administration kanti wenza neMaster’s kuwona lo mkhakha.
Abafuna ukuba yingxenye yalo mkhankaso bangamlandela emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana.