MASECHABA NDLOVU

USEPHINDE wathola ukugxekwa futhi umsakazi weMetro FM uMasechaba Ndlovu kulandela ukukhwesha umculi ngesihloko sempilo abengazimisele ukukhuluma ngaso.

Isigameko sakamuva sibe ngoLwesihlanu ohlelweni uMasechaba alwethula ngokubambisana noMo Flava iThe Drive on Metro FM engena ngo-3 kuya ku-6  ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

Kulesi sigameko uMasechaba usolwa ngokukhwesha kabi umculi u-Anatii embuza imibuzo mayelana nokuthwasa kwakhe nokuyinto okuthiwa ubengazimisele ukukhuluma ngayo. Lo mculi ubehambele iMetro FM neminye imisakazo ekhangisa i-albhamu yakhe entsha, IYEZA. 

Lesi senzo sigxekwe ngabantu abebelalele nabanye ababone i-video yengxoxo yabo esabalale ezinkundleni zokuxhumana.

Ephawula ngalolu daba kwiTshisaLive uMasechaba uthe ubengaqondile okubi ngokubiza u-Anatii ngalolu daba. Uthe abantu 'bayohlezi bebona abafisa ukukubona'. 

Okwenzekile kuze kwakhumbuza abaningi isigameko lapho uMasechaba abuza waphinde waziphendula ngokuhlukunyezwa kukaBabes Wodumo nokuyinto ayesola uMampintsha ngayo.

UMo Flava usanda kuphawula ngalesi sigameko ohlelweni iThe Real Talk olwethulwa ngu-Azania Mosaka. Ephawula wathi okwenzeka kwaba yiphutha kwakungafanele balusingathe ngendlela abenza ngayo.