AKAWUVALI umlomo umethuli omusha wohlelo lwemishado i-Our Perfect Wedding (OPW) kuMzansi Magic (161), uKayise Ngqula njengoba sekusondele izinsuku zokubonakala kwakhe kulolu hlelo.
UKayise owawina ohlelweni olwaluthungatha abazokwethula i-OPW, i-Our Perfect Wedding Presenter Show, uthe abantu bazombona noma kanjani ngoJanuwari 21.
UKayise wase-Eastern Cape uzovala isikhala sikaThembisa Mdoda owashiya kulolu hlelo ngonyaka odlule. Ngemuva kukaThembisa kubambe uNomsa Buthelezi olandelwe nguLerato Moloi.
UBongiwe Potelwa, weMzansi Magic, uthe uKayise uzoqala emasontweni amabili ezayo. Uthe le ntokazi isikubheke ngabomvu ukuqala kulolu hlelo.
“NgoDisemba ubeqopha iziqephu zakhe zokuqala ezizobonakala kulolu hlelo,” kusho uBongiwe.
Ekhuluma neSolezwe uKayise uthe ujabule ngokuthi maduze uzobonakala kulolu hlelo ayefisa ukuba umethuli walo.
“Ngesikhathi ngizwa ukuthi bafuna umethuli ngajabula ngempela. Ukuthola ithuba elifana naleli kusho lukhulu kimina yize kukhathaza nje ukuhambela izindawo ezehlukene kodwa-ke kuyingxenye yomsebenzi wami,” kusho uKayise.
Uthe ukuhlangana nabantu abahlukene kumfundise izinto eziningi empilweni.
“Sengihambele imishado embalwa eGoli naseLimpopo. Kuyona yonke kungifundise lukhulu ukuzwa izindaba ezehlukene. Abantu babhekana nezinto ezehlukene kodwa uma kukhona uthando konke bayakunqoba,” kusho uKayise.
Uthe uzizwa ebusisekile ngokuthi njalo ngamasonto abantu bazobe bebukela yena.
“Ngibonga nabantu bakuleli ngokungivotela ngoba ukuba ivoti labo lalingekho mhlawumbe ngabe angikho la ngikhona,” kusho yena.
Uthe uzobe engaqali ukubonakala kwithelevishini ngoba wake walingisa emidlalweni ehlukene.
“Ngiyaqala ukwethula uhlelo kodwa kukhona imidlalo engike ngalingisa kuyona kuMzansi Magic nakwezinye iziteshi. Kukhona nezikhangiso engike ngazenza,” kusho uKayise.