UMLINGISI womdlalo iGenerations: The Legacy, uLetoya Makhene, useveze ukuthi bese sifikile isikhathi sokuthi abuyele emculweni njengoba esanda kukhipha ingoma ethi Qinisela.
ULatoya ubekhuluma ohlelweni losaziwayo ngezinto ezehlukene abamatasa ngazo i-V Entertainment, olungena ngoLwesihlanu ku-1Magic, ngo-6:30 nakuVuzu ngo-8
ebusuku.
Le ntokazi ithe, ibisithathe isikhathi eside imile emculweni kodwa manje ibone sekuyisikhathi sokuthi ibuye izojabulisa abalandeli bayo.
“Bengimatasa ngokulingisa, ngaphinde ngabusiswa ngendodana, ngakho isikhathi sokungena estudiyo bengingenaso. Kodwa ngemuva kokubona ukuthi izinto sezibuyela esimeni ngibone kungcono ukuthi ngibuyele entweni engiyithandayo futhi nabantu abangazi ngayo njengoba mina nezingane zasekhaya sagqama emculweni sicula nobaba uBlondie,” kuchaza yena.
Uthe ingoma yakhe inesigqi se-Afro pop abantu abamazi ngaso selokhu angena kule ndima.
“Sengisebenze nabantu abehlukene kule ndima okubalwa noDJ Cleo, abanye kabazi ukuthi ngake ngacula noBrenda Fassie, ngingomunye wabaculi bakhe. Wayefana nesihlobo segazi kimina njengoba ayechitha nathi isikhathi esiningi ekhaya. Uma kusetshenzwa wayethetha lowa muntu ukuze izinto zihambe kahle, wangisiza kakhulu ukufinyelela la ngikhona emculweni njengoba kukuningi engangikubuka kuye,” kuchaza yena.
Uthe abalandeli bakhe basazombona ezintweni eziningi njengoba nasemdlalweni iGenerations esekhona futhi abantu besazobona okukhulu kuTshidi.