UTHOLE ‘ithenda’ yokudweba umndeni wesiqumama saseThekwini umdwebi osephenduke ihlaya ngemidwebo okuthiwa ishaya eceleni.
ULebani ‘Rasta’ Sirenje, uphonselwe inselelo nguMnuz Vivian Reddy obeyingxenye yezikhulumi ngoLwesibili emcimbini obudingida ezobuciko eNkosi Albert Luthuli ICC, eThekwini. URasta odabuka eZimbabwe kodwa osezinze eGoli, wazakhela udumo ngokudweba osaziwayo ezinkonzweni zabo zokubakhumbula okubalwa uHHP, okwakhala abaningi ngesithombe sakhe. UReddy ucele uRasta ukuthi adwebe umndeni wakhe emuva kokuba ebone isithombe somsakazi weGagasi uFelix Hlophe, naso esiphendulwe ihlaya.
UReddy othe uyazifela ngemidwebo, uthe ngisho emzini wakhe unezithombe eziningi azithenga ngemali eshisiwe. Ukhuthaze abantu ukuthi baseke amaciko ngokuthi bathenge imidwebo yawo.
UMnuz Vukile Zondi ongumphathi kwiGagasi FM naye obengomunye wezikhulumi, uthe iKwaZulu-Natal inothoile ngezobuciko kodwa siyakukhohlwa lokho. Ulinganise ngemikhakha eminingi yezobuciko athe kukhonya kuyo abavela esifundazweni.
“Asenzi okwanele ukuqhakambisa ezobuciko esifundazweni sethu ekubeni sinothile kulo mkhakha. Kumele ngabe lo mkhakha siyawuhlonipha futhi sizama ngayo yonke indlela ukuthi uthuthukiswe,” kusho uZondi.
OyiNhloko yezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kuMasipala weTheku uMnuz Thembinkosi Ngcobo, uthe bafisa ukubeka ezobuciko kwelinye izinga.
UZODWEBA umndeni kaMnuz Vivian Reddy uLebani ‘Rasta’ Sirenje, ophonselelwe inselelo yilesi siqumama saseThekwini ashuthwe naso emcimbini wezobuciko
Uthe isifiso sakhe ukuthi iTheku libe nesikhwama esibhekelele ezobuciko. UNgcobo uthe kumele kube nendawo lapho amaciko ezokwazi ukudayisa khona umsebenzi wawo. Uthe lona umkhakha amaciko angaziphilsa ngawo uma unakekelwa. Lesi bekuyisithangami esiyingxenye ye-Articulate Africa Book and Art Fair. Bekukhona osaziwayo abahlukene kwezobuciko okubalwa uZakes Madida, kwanandisa uNaima Kay, uLasandra nabaculi bowokholo abawina kwiGospel ID okubalwa uSibongiseni Zikhali noSfiso Diya. Mayelana nomdwebo wakhe uFelix naye obekhona ukuwamukela, uvele wawuphendula ihlaya. Uthe kungenzeka ukuthi uyobe efana nawo eminyakeni engu-20 ezayo.