AKAWUVALI umlomo umsakazi weMetro FM futhi ongumethuli wohlelo lweTV, uPearl Modiadie, ngengoma ayibhalelwe yisihlabani sikamaskandi sasoFasimba eMpangeni, uCevuzile Mchunu.
UPearl umangaze abethuli bohlelo olusakazwa kuSABC 3, iTrending SA, ngesikhathi engena kulolu hlelo ngale ngoma atuswa kuyo uCevuzile. Ebuzwa ngomunye wabethuli balolu hlelo, uPabi Moloi, ukuthi ngabe yiculo lakhe elidanselwa nangabanye, uvumile uPearl wathi wabhalelwa lona nguCevuzile.
“Ungumculi odumile kuKhozi FM, uyisimangaliso,” kusho uPearl ejabule.
Le ngoma kaCevuzile ethi, Pearl Modiadie ihamba kanje: “Ngambona kumabonakude, ngiyamthanda, angazi ngizomtholaphi. Ngilayeleni la okuhlala khona uPearl, ngisho uPearl Modiadie...” Iqhubeke ithi “Yazi iZaziwa ayisangiphuthi, ngifuna ukubona uPearl Modiadie...”
UCevuzile, ongomunye womaskandi abafundile futhi abaqashwa kakhulu, uthe simthokozise kakhulu isenzo sikaPearl kwiTrending SA “Ngoba bekubizwe yena kodwa bamfaka ngengoma yami, okuyinto engicabanga ukuthi ibihlelwe nguye uqobo... Lokhu kukhomba ukuthi umculo wami umnandi futhi usezingeni eliphezulu ngoba ngisho uSABC3, okuyisiteshi esibukwa kakhulu ngabamhlophe, besingeke silidlale leli culo ukube alikho ezingeni eliphezulu.”
Le ngoma ikwiCD kaCevuzile yakamuva esihloko sithi Ngangizosakaza futhi igabe ngenoni elibophele uDJ Tira noTipcee elithi Umalume Uyalumana.