UMSUNGULI womncintiswano wengoma yonyaka iSABC Summer Song, u-Owen Ndlovu, uthe bazolinda isikhathi esingangenyanga ukuze abantu bafake izikhalo ngaphambi kokuthi banikeze onqobile umklomelo wakhe.
Kulo mncintiswano kugcine kunqobe uMaster KG ngengoma apike kuyo uZanda Zakuza ethi Skeleton Move. Ngokudla umhlanganiso uzohlomula ngoR10 000 wokuba phambili kwiThobela FM, uR100 000 nemoto iKia Picanto. UPrince Kaybee ophume phambili kuKhozi FM yena uzothola uR10 000.
“Kunomsindo okhona kuyimanje abantu bekhalela uKing Monada.
“Abanye baze bakhulume indaba yokuthi kunokucwasa ngokobuhlanga kodwa lokho akunasisekelo ngoba uMaser KG naye ngowaseLimpopo.
“UPrince Kaybee unqobe kuKhozi kodwa akasiye umZulu. Sizolinda inyanga abantu bafake izikhalo zabo.
“Abafuna ukuthi kubalwe kabusha nabo abeze ngoba asifuni ukukhipha umklomelo bese siyowulanda futhi,” kusho u-Owen wenkampani iMichael Owen Productions.
U-Owen uthe imthusile indlela abantu abavote ngayo ekubeni bebenezinsuku eziyisikhombisa bevule olayini futhi umncintiswano uqhubeka eziteshini ezimbili.
“Sithole amavoti angaphezulu kuka-561 000. Kulokhu sifuna ukuqala ngoNovemba abantu babe nezinyanga ezimbili zokuvota,” kusho u-Owen.
UMaster KG, ekhuluma kwiMorning Live izolo ekuseni, uthe akumethusanga ukuphuma phambili.
“Bengikulindele lokho. Ngibe nonyaka omuhle. Nginqobe indondo kuma-Afrimma eGhana ngaphinde nganqoba kumaLimpopo Music Awards,” kusho yena.
Uthe ivideo yengoma yakhe isibukwe izikhawu ezicela ku-7 million kuYouTube.
“Akubanga yinto engithusile,” kusho lo mculi odabuka eTzaneen.
Eminyakeni eyedlule kulo mncintiswano kwanqoba uNathi Mankayi ngengoma ethi Nomvula noMroza Fakude ethi Elamanqamu (Van Damme).