UGONYULUKE ngomkhuba wokuhlukumeza umsakazi wesiteshi somphakathi, othi bekumenza azizwe anelisekile uma eshaya abesifazane.
USphesihle Tshabalala obizwa ngoDJ Sphe ohlelweni i-Afternoon Express kwiVibe FM, ubengomunye wezikhulumi izolo esithangamini sokuqwashisa ngokuhlukumeza esihlelwe yiYouth For Christ (YFC) KwaMashu.
Uveze ukuthi akalitholanga ithuba lokuzwa uthando lukayise obekude naye.
“Ngakhula ngihlukumezekile ngoba bengingavumelekile ukuya esikoleni, kuthiwe angiluse izinkomo. Kuthe uma sengihlukumeza abantu ebengithandana nabo, ngabona ukuthi lento isuka ekhaya. Bengingahlukumezi engithandana nabo kuphela kodwa bengicasulwa yinto encane ngisho ngikuphi. Intombazane ebengithandana nayo bengiyishaya futhi ngizizwe nganelisekile ngalokho,” echaza.
Uthe ukuba semsakazweni yikona okumvule amehlo, wakwazi nokuhlangana nabantu abawusizo. Ukhuthaze abesilisa ukuthi bavume uma benenkinga yokuhlukumeza ukuze basizakale.
UNksz Noluthando Ndlovu (22), ukhulume ngokuhlukunyezwa yisoka iminyaka emine.
Uthe waqala ukuthandana nalo eneminyaka engu-16, enganakile ukuthi liyamhlukumeza.
“Wayengumuntu ongazethembi obekwenza angajabuli uma kukhona okuhle engikwenzayo. Waqala ngokungihlukumeza ngokomoya, walandela ngempama kwagcina sekuwukushaywa kwangempela. Ngagcina sengifunda ukulwa naye kodwa ngimvikele uma abantu bengixwayisa ngaye,” kusho yena.
Uthe ubehlukana naleli soka kodwa aphinde abuyele kulona. Wasizwa ukungenelela komndeni, naye esekhathele waqala phansi wafunda ukuzithanda yena. Uveze ukuthi abesifazane uma behlukunyezwa bagcina bekwamukela, bakhohlwe ngisho amaphupho abo.
UNksz Sane Ndlovu weGender Based Violence Forum, uchaze izindlela ezahlukene zokudlwengulwa. Ukhulume ngeDate Rape lapho ethe baningi abagilwe iyona.
Eyichaza uthe ijwayeleke kwabesifazane okuthi uma bekhishiwe bese kumele baye ocansini, nabo bavume ngoba bebona sengathi kumele ngoba owesilisa othenge izidlo.
Omunye wabahleli balesi sithangami uNkk Sane Shandu weYCF, uthe bajwayele ukuvakashela izikole baqwashise ngokuhlumuzeka nangegciwane lengculaza.
Uthe bathole ukuthi kwesinye isikhathi abahlukumezayo basuke bengazi ukuthi akufanele.
UNkk Thabile Buthelezi onenhlangano esiza umphakathi uthe kule nyanga bagxile ukuqwashiseni ngokunakekelwa komqondo ngenxa yokwandwa kwabaphathwa ukhwantalala.