UMCULI wowokholo uThobekile Mkhwanazi, uthi uzimisele ngokunika ithuba abaculi abasafufusa kodwa akajahile ukubasayinisa enkampanini yakhe.
UThobekile unenkampani Imvana Productions, athe okwamanje usayikhulisa kodwa ngokuhamba kwesikhathi izosayinisa abaculi ngaphansi kwayo.
"Kukhona ingane eyodwa engiyisizayo uNontobeko Nhlabathi Zimba, engifuna yaziwe. Angiyisayinisile ngiyayisiza nje. Ngokuhamba kwesikhathi nangokuvuma kukaNkulunkulu, izovuleka iminyango yokuthi ngisayinise abaculi futhi uma isikhathi sesivuma," kusho uThobekile.
Uthe uNontobeko nguyena yedwa umculi opikwe kwiDVD yakhe, ayiqopha eNewcastle ethi The Journey of Thobekile Isidudla. NgoDisemba ukhiphe iCD yezingoma ezikule DVD athe kube nokubambezeleka ukuphuma kwayo.
"Uthaqai ukuphazamisile ukuphuma kweDVD ngoba besiphazamiseka uma kukhona izinto okumele siyozilungisa estudiyo. UJulayi ukude uma ngibuka nje, izophuma engakashayi."
Uthe ujabule ngendlela abantu abayamukele ngayo i-albhamu yakhe futhi unethemba lokuthi bazoyijabulela neDVD.
"Abanye abalandeli bami basawuhlobo lwakudala, yize kukhona abathenga umculo ngama-downloads kodwa kusekhona abathanda amaCD namaDVD. Izitolo azisekho kukhona uDakota, kodwa siyaziphathela ezinkonzweni sidayise sikhiphe nenamba abantu aba-oda kuyo. Kuyadayiseka akufani," kusho yena.
Uveze ukuthi ngo-Ephreli 17, uzokwenza umcimbi iGospel Jam ePrince's Lifestyle, KwaDukuza.
Kulo mcimbi ozoqala ngo-3 ntambama kuzobe kuboshelwe uThinah Zungu, Babo Ngcobo, Jumbo, DJ Nko, Fikile Mlomo, King Nuba noMbhishobhi Vusi Dube.
"Umcimbi wokuyojabulela ukuthi sisasindile kule Covid-19. Indawo ivulekile kodwa isibalo sabantu sizosinciphisa ukuze siqhelelane siphephe. Sifuna nabangasonti ngoba uma siwenza esontweni bavele babone sengathi bayavaleleka bona."
Amathikithi atholakala kuyona le ndawo ngoR100.