CHARLES KHUZWAYO
KUYOPHELA unyaka wesithathu umzwilili wejazz, uMelody Ngwazi, ebhadle esangomeni esiseNewcastle. UMelody wazakhela udumo ngenoni alicula ngokuhlanganyela nomrepha, olingisa indawo kaMcGyver kwiDurban Gen, uZulu Boy, ethi Azibuye Izinkomo.
Okwenza uMelody angaphumi esangomeni ukuthi ushoda ngemali ebalelwa kuR20 000 ukuze abuyele ezinganeni zakhe ezamgcina ngoSepthemba 2020. Usizi lomculi seluphoqe ozakwabo ukuba basungule umkhankaso wokuqongelela uR20 000, ukuze akhishwe enyangeni ngokosiko.
UMelody uthe wayiswa obengumyeni wakhe, uMnuz Koti Ngwazi esangomeni eNewcastle, uNkk Sthembile Mngomezulu egula ngekhanda. Kepha ngokusho kukaMelody, bahlukana ngemva kokuba esethwasa. Ulandise kanje:
"Ngifike ngoSepthemba ngo-2020, ngigula ngekhanda, ngalashwa. Ngabe sengiqala ukuthwasa ngokuvumelana nomyeni wami. NgoJanuwari ngabe sengiyovuma idlozi ekhaya, ngizophuthula ngoMeyi wangonyakaodlule."
Uthe inkinga iqale uma obengumyeniwakhe esexabana noNkk Mngomezulungoba esethi ngeke esawukhokha uR17 000 kodwa uzokhokha uR5000 wokwelapha ukugula ngekhanda kuphela.
"Ugobela ufuna uR17000 ohlanganisa inkomo yokungithwasisa ewuR12000 noR5000 wokungelapha," kuchaza uMelody.
Uthe okumphethe kabi ukuthi usegqigqa ezibhedlela ngenxa yokuhlaselwa wukugula okubangelwa ngamakhaza aseNewcastle.
"Yingakho ngidinga usizo kunoma ngubani ukuze ngiphume lapha." Eziphendulela uNgwazi wathi wayengeke akwazi ukukhokha uR17 000 ngenxa yokuthi wayehambise uMelody ukuba ayolashwa ukugula kuphelahhayi ukuba athwasiswe.
“Anginayo imali njengoba nomsebenzi wokufaka amaaluminium ubheda kulezi zinsuku ngenxa yeCovid-19. Ngizowuthathaphi uR17 000 nenkomo nembuzi. Besisanda kukhipha uR12 000 wokuvuma idlozi ngoJanuwari. Ngithe imali engingayikhokha uR5000 wokumelapha ukugula kuphela."
UNgwazi wasabisa ngokuyohlasela emzini kaNkk Mngomezulu namaphoyisa ngoba efuna adedele uMelody kodwa kuyacaca kwagcina kungenzekanga.
Ethintwa uNkk Mngomezulu uthe umuntu onephutha uNgwazi ngoba akafuni ukuzobonana naye. Uchaze kanje:
"Akakhulumi nami. Ngathi uma unenkinga akeze sibonisane njengabantu ukuze ngazi ukuthi inkokhelo yami ngizoyithola kanjani ngoba sengimelaphile futhi ngamthwasisa umkakhe."
Uqhube wathi akanayo inhliziyo embi kodwa ulindele uNgwazi azoxoxisana naye ukuze uMelody aphume ngendlela. NoMelody ufakazele uNkk Mngomezulu ngokusola uNgwazi.
"Umyeni wami akulabhadi lapha. Ngalethwa yingane yami endala. Akakhulumi nogobela kodwa ugcina ngokufonela umakhelwane kagobela bese eshiya umyalezo kuye. Wagcina ukukhipha imali yokudla ngoDisemba. Nezindleko zokuya kwami esibhedlela zithwalwa ngugobela kuphela hhayi yena," kuphetha uMelody.
Umculi wejazz uWandile Sax Method, usungule umkhankaso obizwa nge#melodyngwazifundraising, ngenhloso yokuqongelela uR20 000 ukuze kusizakale uMelody.
Uthe ukhiqize amaCD e-albhamu kaMelody ngenhloso yokuwadayisela umphakathi.
Iyodwa ibiza uR100 kanti sebeqalile abantu ukufaka ama-order. "Ukuhlanganisa uR20 000akulula kodwa sizonqoba.
Sekushoda uR18 600.Le mali izosebenzakanje. UR12 000 owenkomo,uR3000 owetekisi ezosusaabantu eNewcastle beze eThekwini, ukuyophothula umsebenzi kaMelody bese uR5000 usetshenziselwa ukukhokhela okunye okudingekayo njengezinkukhu nezimpahla.
UMelody ubonge kakhulu uWandile ngalo mkhankaso wakhe futhi wamnxusa ukuba angapheli amandla uma ehlangabezana nezingqinambi.
*Nanoma ngubani ofuna ukuphonsa itshe esivivaneni angashayela ku-079 999 6783.