ISIHLOKO: I-TIGHT
UMCULI: uDlubheke
UHLOBO: Maskandi
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
UMFO KANONDINDWA ushintshe unyawo ngobuchule kwi-albhamu yakhe entsha ngokuxuba umculo kamaskandi nowesicathamiya. Lokho wukuzwa engomeni ethi Ungayidelela Yonke. Abanye abaculi ababophele onqambothini lwecwecwe lakhe kubalwa uMzukulu, engomeni ethi: Isicishamlilo, neNkosi Yamagcokama engomeni ethi: EMrafu. Nazo lezi zingoma ziyibeke kwelinye izinga i-albhamu yakhe. Okunye okwenza ibe mnandi wukuthi kuboshelwe abadlali bezinsimbi abaseqophelweni eliphezulu. Esigingcini wuDlubheke, kwesebhesi nguMaqhude Mkhize noMadoda "Dogzin" Mkhize, kuma-keyboard nguPhathaphatha Ngcobo.
Ingichazile yize ibuye yangivusela umunyu ingoma ethi: Lalani Kahle, ngenxa yokuthi uDlubheke ukhumbule ngayo izingwazi ezingasekho zalo mculo. Ngikhuluma ngoSandile Mbongwa, Indidane, Mgqumeni, Majotha, Mjik'jelwa nabanye. Akagcinanga ngezingoma ezinemiyalezo eyakhayo kodwa ubuye wagadla ezimbangini zakhe ngengoma ethi: Sawubona Wentuntsula. Ukuthi ugadla kubaphi abaculi, usuyozizwela khona kulolu lozolo lwengoma.
Ezinye izingoma ezishisayo kwiTight ngezithi: Ngehla Ngenyuka, Umkhaya Wami, Imali Eningi, I-tight nethi: Lezontuthwane.
UDlubheke ukhombisile ukuthi usevuthiwe emculweni. Angithi wuyena kuphela kontanga yakhe owacula ngokuhlanganyela noMgqumeni futhi wuyena onendondo yeBest Male kumaSatma Awards, okuwumunxa obekukhonya kuwo iNdidane. Akagcinanga lapho, wabuye wahlabana ngeGold Disc ngokudayisa amakhophi awu-30 000 nge-albhamu ayiqopha eneminyaka ewu-15 yobudala. Umlando wawuqopha nge-albhamu ethi: Siqhathwe ENquthu. Zitholele I-Tight ukuze ubheme ukholwe.