KWEMBULWA kwembeswa esibhedlela saseGoli, i-Edenvale, kumculi kamaskandi osinde edutshulwa ngesikhathi kade ebanjwa inkunzi ngoLwesine.
UXolani "Sxubho Sabantwana" Mkhize ongumholi waBafana BakaMolo Bengempela futhi oke wacula koFeleba, uthe udutshulwe ekhanda maqede waphucwa yonke imali abeyiphethe.
Echaza uthe ubephuma emahhovisi thizeni elinde itekisi ebizomlanda. “Ithe uma ingaqhamuki ngavele ngehla ngezinyawo ngidlula ngasegaraji. Ngithe sengizofika erobhothini ngazithela phezu kwemoto kodwa ngangayinaka.
”Kuvele kwehla umuntu waqonda kimi efuna ukungicaphuna, ngavele ngahlala phansi. Ngibe sengizwa ngesibhamu sesikhokhwa ngemuva kwami. Angibange ngisazi ukuthi kwenzekeni ngoba ngiphaphame sengimpontshwa igazi ngabelungu, sekugcwele abosizo oluphuthumayo okuyibo abangiphuthumise esibhedlela e-Edenvale lapho ebese ngilashwa khona,” kusho uSxhubho, owaduma kakhulu esagidela umufi uBhekumuzi Luthuli, obelimele ekhanda nasezingalweni.
Sekuthanda ukuba wumshophi ukuhlaselwa kukaSxubho. NangoJulayi ka-2016 wake wasinda ngokulambisa begwazwa eVosloorus. Kuleso sigameko kwabulawa amanye amalungu eqembu lakhe amathathu, okunguLebohang Dlamini, Mxolisi Hlabeni noLehlohonolo Mofokeng.
Abafana BakaMolo yiqembu elasungulwa nguBhekumuzi ngo-2006 kodwa emuva kokudlula kwakhe emhlabeni ngo-2010 kube selihlakazeka.
Njengamanje kunaBafana BakaMolo abaholwa nguGearbox Mtshali naBafana BakaMolo Bangempela abaholwa nguSxubho. Nawo la maqembu ayagadlana ngezingoma.